YouVersion Logo
Search Icon

U-Eksodusi 7

7
Isimangaliso senduku kaMose
1 UJehova wathi kuMose: “Bheka, ngikwenze ube njengonkulunkulu kuFaro; u-Aroni umfowenu uyakuba ngumprofethi wakho. 2Wena uyakukhuluma konke engikuyala ngakho; u-Aroni umfowenu uyakukhuluma kuFaro ukuba abavumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe. 3Mina ngiyakuyenza inhliziyo kaFaro ibe lukhuni, ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe. 4Kepha uFaro akayikunilalela; ngiyakubeka isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe amabandla ami, isizwe sami, abantwana bakwa-Israyeli, ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu. 5AbaseGibithe bayokwazi ukuthi nginguJehova, nxa ngelula isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe abantwana bakwa-Israyeli phakathi kwabo.”
6OMose no-Aroni benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile, benze njalo-ke. 7UMose wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili, u-Aroni eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nantathu, mhla bekhuluma kuFaro.
8UJehova wakhuluma koMose no-Aroni, wathi: 9“Nxa uFaro ekhuluma kini, ethi: ‘Zifakazeleni ngesimangaliso,’ uyakusho ku-Aroni ukuthi: ‘Thatha induku yakho, uyiphonse phansi phambi kukaFaro,’ ukuze iphenduke inyoka.”
10OMose no-Aroni bangena kuFaro, benza njengalokho uJehova ebayalile; u-Aroni waphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro naphambi kwezinceku zakhe, yaphenduka inyoka. 11 Khona uFaro wabiza izihlakaniphi nabalumbi; izanusi zaseGibithe nazo zenze njalo ngemilingo yazo. 12Ngokuba yilowo nalowo waphonsa phansi induku yakhe, zaphenduka izinyoka; kepha induku ka-Aroni yagwinya izinduku zabo. 13Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.
Izinhlupheko zaseGibithe
Eyokuqala: amanzi aphenduka igazi
14UJehova wayesethi kuMose: “Inhliziyo kaFaro ilukhuni: uyenqaba ukuba abantu bahambe. 15Yana kuFaro kusasa ekuseni; bheka, uyaphuma ukuya emanzini; yima ogwini lomfula ukumhlangabeza; induku eyaphenduka inyoka woyiphatha ngesandla sakho. 16Wothi kuye: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, ungithume kuwe, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze ehlane; bheka, kuze kube manje awulalelanga. 17UJehova usho kanje, uthi: Ngalokhu uyokwazi ukuthi nginguJehova: bheka, ngenduku esesandleni sami ngiyakushaya phezu kwamanzi asemfuleni, aphenduke igazi. 18Izinhlanzi ezisemfuleni ziyakufa, umfula unuke; abaseGibithe bayakunengwa ngukuphuza amanzi emfuleni.’ ”
19UJehova wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Thatha induku yakho, welule isandla sakho phezu kwamanzi aseGibithe, naphezu kwemifula, naphezu kweminonjana yabo, naphezu kweziziba, naphezu kwamachibi amanzi abo onke ukuba aphenduke igazi,’ kube khona igazi ezweni lonke laseGibithe ezitsheni zemithi nasezitsheni zamatshe.”
20 OMose no-Aroni base bekwenza-ke njengalokho uJehova ebayalile; waphakamisa induku, washaya amanzi asemfuleni emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe; onke amanzi asemfuleni aphenduka igazi. 21Izinhlanzi zasemfuleni zafa; umfula wanuka; abaseGibithe babengenakuphuza amanzi asemfuleni; igazi lalikhona ezweni lonke laseGibithe.
22Izanusi zaseGibithe zenze njalo ngemilingo yazo, yaze yaba lukhuni inhliziyo kaFaro; kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova. 23UFaro waphenduka wangena endlini yakhe, kayibekanga inhliziyo yakhe nakulokho. 24AbaseGibithe bemba nxazonke zomfula ukuthola amanzi okuphuza, ngokuba babengenakuphuza amanzi asemfuleni. 25Zaphelela izinsuku eziyisikhombisa, selokhu uJehova eshayile umfula.

Currently Selected:

U-Eksodusi 7: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy