YouVersion Logo
Search Icon

U-Eksodusi 40

40
Ukumiswa kwetabernakele* nokungcweliswa kwalo
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala wolimisa itabernakele* letende lokuhlangana. 3 Wofaka khona umphongolo wobufakazi, uwuhenqele umphongolo ngesihenqo. 4Ulingenise itafula, uhlele izinto eziphezu kwalo, ulungenise uthi lwezibani, ubeke izibani zalo. 5 Ubeke i-altare legolide lempepho phambi komphongolo wobufakazi, ulengise iveli lomnyango wetabernakele.
6“Ubeke i-altare lomnikelo wokushiswa phambi komnyango wetabernakele letende lokuhlangana. 7Ubeke umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo. 8Ulungise igceke nxazonke, ulengise iveli lesango legceke.
9 “Uthabathe amafutha okugcoba, uligcobe itabernakele nakho konke okukulo, ulingcwelise kanye nempahla yalo yonke, libe ngcwele. 10 Ugcobe i-altare lomnikelo wokushiswa nezinto zalo zonke, ulingcwelise i-altare, i-altare libe ngcwelengcwele. 11Ugcobe umcengezi nesinqe sawo, uwungcwelise.
12 “Ulethe u-Aroni namadodana akhe emnyango wetende lokuhlangana, ubageze ngamanzi. 13Umembathise u-Aroni izambatho ezingcwele, umgcobe, umngcwelise ukuba angikhonze esikhundleni sobupristi. 14Ulethe amadodana akhe, uwembathise amabhantshi, 15uwagcobe, njengalokho wamgcoba uyise, ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, ukugcotshwa kwabo kube ngubupristi obuphakade kubo ezizukulwaneni zabo.” 16Wenze njalo uMose; njengakho konke uJehova amyale ngakho, wenze njalo-ke.
17Kwathi enyangeni yokuqala ngomnyaka wesibili, ngolokuqala lwenyanga itabernakele lamiswa. 18UMose walimisa itabernakele, wabeka izinyawo zalo, wamisa amapulangwe alo, wafaka imishayo yalo, wamisa izinsika zalo. 19Weneka itende phezu kwetabernakele, wabeka isifulelo setende phezu kwalo, njengalokho uJehova emyalile uMose.
20 Wathabatha, wabufaka ubufakazi emphongolweni, wafaka izinti emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo. 21 Wangenisa umphongolo etabernakele, wamisa isihenqo seveli, wahenqela umphongolo wobufakazi, njengalokho uJehova emyalile uMose.
22Wafaka itafula etendeni lokuhlangana ohlangothini lwetabernakele olungasenyakatho ngaphandle kwesihenqo. 23Wahlela izinkwa phezu kwalo phambi kukaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
24Walubeka uthi lwezibani etendeni lokuhlangana malungana netafula ohlangothini lwetabernakele olungaseningizimu. 25Wazibeka izibani phambi kukaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
26Walibeka i-altare legolide etendeni lokuhlangana ngaphambi kwesihenqo. 27Washisa lapho impepho yamakha athaphukayo, njengalokho uJehova emyalile uMose. 28Walengisa iveli lomnyango wetabernakele.
29Wabeka i-altare lomnikelo wokushiswa ngasemnyango wetabernakele letende lokuhlangana, wanikela kulo ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu, njengalokho uJehova emyalile uMose.
30 Wabeka umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, wathela kuwo amanzi okugeza. 31OMose no-Aroni namadodana akhe bahlambela kuwo izandla zabo nezinyawo zabo. 32Nxa bengena etendeni lokuhlangana nanxa besondela e-altare, bageza njengalokho uJehova emyalile uMose.
33Walungisa igceke lizungeza itabernakele ne-altare, walengisa iveli lesango legceke; kanjalo-ke uMose wawuqeda umsebenzi.
34Ifu lase lisibekela itende lokuhlangana, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele. 35UMose wayengenakungena etendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.
36Njalo lapho ifu lenyuswa etabernakele, abantwana bakwa-Israyeli baqhubekela phambili ezinkambeni zabo zonke. 37Kepha uma ifu lingenyuswanga, babengaqhubeki kwaze kwafika usuku lokwenyuswa kwalo. 38 Ngokuba ifu likaJehova laliphezu kwetabernakele emini, nomlilo wawukulo ebusuku emehlweni ayo yonke indlu yakwa-Israyeli ezinkambeni zabo zonke.

Currently Selected:

U-Eksodusi 40: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy