YouVersion Logo
Search Icon

U-Eksodusi 33

33
Ukudabuka kwabantu
1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wenyuke lapha, wena nabantu obakhuphulile ezweni laseGibithe, uye ezweni engalifungela ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe, ngathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho.’ 2 Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, 3 uye ezweni elichichima ubisi nezinyosi. Angiyikukhuphuka ngiphakathi kwenu, lokhu ningabantu abantamo ilukhuni, funa nginiqede endleleni.”
4Abantu beyizwa le ndaba embi badabuka, akwabakho muntu owafaka izivunulo zakhe. 5UJehova wayesethi kuMose: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ningabantu abantamo ilukhuni; uma ngikhuphuka ngiphakathi kwenu nangokuphazima kweso nje, ngizakuniqeda. Ngalokho khumulani manje izivunulo zenu, ukuze ngazi ukuthi ngiyakwenzani kini.’ ” 6Abantwana bakwa-Israyeli bazihlubula izivunulo zabo, kusukela entabeni yaseHorebe.
Insika yefu
7UMose wayevama ukulithatha itende, walimisa ngaphandle kwekamu,* libe kude nekamu, walibiza ngokuthi itende lokuhlangana. Kwathi bonke abamfunayo uJehova baphuma, baya etendeni lokuhlangana elalingaphandle kwekamu. 8Kwathi uMose ephuma eya etendeni, bonke abantu basukuma bema, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe, bambuka uMose waze wangena etendeni. 9Kwathi uMose engena etendeni, insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetende; uJehova wakhuluma noMose. 10Bonke abantu bayibona insika yefu imi ngasemnyango wetende; bonke abantu basukuma, bakhuleka, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe. 11 UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso, njengalokhu umuntu ekhuluma nomhlobo wakhe. Wabuyela ekamu,* kepha inceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, ayiphumanga etendeni.
UMose ucela ukubona inkazimulo kaJehova
12UMose wathi kuJehova: “Bheka, uthi kimi: ‘Khuphula laba bantu,’ kepha awungazisanga yena oyakumthuma nami. Nokho ushilo ukuthi: ‘Ngiyakwazi ngegama, ufumene umusa emehlweni ami.’ 13 Ngalokho uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi, ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ubhekisise ukuthi lesi sizwe singabantu bakho.”
14Wayesethi: “Ngiyakuhamba mina uqobo, ngikuphumuze, na?”
15Wathi kuye: “Uma ungahambi wena uqobo, ungasikhuphuli lapha. 16Ngokuba kuyakwaziwa ngani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, mina nabantu bakho, na? Akungalokhu yini ukuthi uhamba nathi, ukuze sahlukaniswe, mina nabantu bakho, nabanye abantu abasebusweni bomhlaba na?”
17UJehova wathi kuMose: “Ngiyakwenza nalokho okushiloyo, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami; ngiyakwazi ngegama.”
18Wayesethi: “Ake ngibone inkazimulo yakho.”
19 Wathi: “Ngiyakudlulisa phambi kwakho ubuhle bami, ngilimemezele igama likaJehova phambi kwakho, ngibe nomusa kuyena engithanda ukuba nomusa kuye, ngibe nesihe kuyena engithanda ukuba nesihe kuye.” 20 Wathi: “Awunakubona ubuso bami, ngokuba akukho muntu ongangibona, aphile.”
21UJehova wathi: “Bheka, nansi indawo kimi; uyakuma edwaleni. 22Kuyakuthi isadlula inkazimulo yami, ngiyakukufaka ofantwini lwedwala, ngikumboze ngesandla sami, ngize ngidlule. 23Besengisusa isandla sami, ubone umhlane wami, kepha ubuso bami abuyikubonwa.”

Currently Selected:

U-Eksodusi 33: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy