YouVersion Logo
Search Icon

U-Eksodusi 30

30
Imithetho ye-altare lokushisa impepho
1 “Uyakwenza i-altare lokushisa impepho, ulenze ngomuthi womtholo. 2Ubude balo bube yingalo, nobubanzi balo bube yingalo, libe nezinhlangothi ezine ezilingeneyo; ukuphakama kwalo kube yizingalo ezimbili, izimpondo zalo zibe kunye nalo. 3Wolinameka ngegolide elicwengekileyo ngaphezulu, nezinhlangothi zalo nxazonke, nezimpondo zalo, ulenzele udini lwegolide nxazonke. 4Ulenzele amasongo amabili egolide phansi kodini lwalo nxazombili, uwenze ezinhlangothini zombili zalo, abe yizindawo zezinti zokulithwala. 5Wenze izinti ngomuthi womtholo, uzinameke ngegolide. 6 Ulibeke phambi kwesihenqo esingasemphongolweni wobufakazi, ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu kobufakazi, lapho ngiyakuhlangana khona nawe.
7“U-Aroni woshisa kulo impepho yamakha athaphukayo; njalo ekuseni, nxa elungisa izibani, uyakuyithunqisa. 8Nalapho u-Aroni ezibeka izibani ngakusihlwa, woyishisa ibe yimpepho ephakade phambi kukaJehova ezizukulwaneni zenu. 9 Ninganikeli kulo ngempepho engeyiyo, nangomnikelo wokushiswa, nangomnikelo wempuphu, ningatheli mnikelo wokuphuzwa kulo. 10 U-Aroni uyakwenzela izimpondo zalo ukubuyisana kanye ngomnyaka; ngegazi lomnikelo wesono wokubuyisana kanye ngomnyaka uyakulenzela ukubuyisana ezizukulwaneni zenu; lingcwelengcwele kuJehova.”
Imali yokubuyisana
11UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 12 “Nxa ubala inani labantwana bakwa-Israyeli ngokwalabo ababalwayo, yilowo nalowo kubo makathele kuJehova ihlawulo lomphefumulo wakhe, lapho ubabalayo, ukuba kungabikho sifo phakathi kwabo, nxa ubabala. 13Lokhu bayakukuthela, kube yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo: inxenye yeshekeli* ngokweshekeli lendlu engcwele ishekeli lingamagera* angamashumi amabili inxenye yeshekeli ibe ngumnikelo kuJehova. 14Yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo, abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, uyakunikela ngomnikelo kuJehova. 15Ocebileyo akayikunika kakhulu, ompofu angatheli kancane kunenxenye yeshekeli, lapho benikela ngomnikelo kuJehova ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu. 16Wothabatha imali yokubuyisana kubantwana bakwa-Israyeli, uyimisele inkonzo yetende lokuhlangana, ibe yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova, ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.”
17UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 18 “Uyakwenza umcengezi wethusi, nesinqe sawo sethusi, ukuba kugezelwe kuwo, uwubeke phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo. 19U-Aroni namadodana akhe bayakuhlamba kuwo izandla zabo nezinyawo zabo. 20Nxa bengena etendeni lokuhlangana, bayakugeza ngamanzi ukuba bangafi, noma besondela e-altare ukuyokhonza, bawushise umnikelo womlilo kuJehova; 21mabahlambe izandla zabo nezinyawo zabo ukuba bangafi, kube yisimiso esiphakade kubo, kuyena nakuyo inzalo yakhe ezizukulwaneni zabo.”
Amafutha angcwele okugcoba
22UJehova wakhuluma futhi kuMose, wathi: 23 “Zithabathele amakha amahle, imure* eliphumayo lamashekeli* angamakhulu ayisihlanu, nokinamona* othaphukayo wenxenye yalokho, okungukuthi amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nekalamu* elithaphukayo lamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, 24nekasiya* lamakhulu ayisihlanu ngokweshekeli* lendlu engcwele, nehini* lamafutha eminqumo. 25Uwenze amafutha angcwele okugcoba amakha athakiweyo njengokwenza komthaki, abe ngamafutha angcwele okugcoba. 26 Wogcoba itende lokuhlangana nomphongolo wobufakazi, 27netafula nezitsha zalo zonke, nothi lwezibani nezitsha zalo, ne-altare lempepho, 28ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zalo zonke, nomcengezi nesinqe sawo. 29Wokungcwelisa ukuze kube ngcwele kakhulu; bonke abakuthintayo bayakuba ngcwele.
30“Wobagcoba u-Aroni namadodana akhe, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi. 31Ukhulume kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Lokhu kuyakuba kimi amafutha angcwele okugcoba ezizukulwaneni zenu. 32Mawangathelwa emzimbeni womuntu, ningawenzi afana nawo njengokuthakwa kwawo; angcwele, mawabe ngcwele kini. 33Yilowo nalowo owathaka anjengawo nalowo owathela kumfokazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”
34 UJehova wathi kuMose: “Zithabathele amakha athaphukayo, inathafi* neshehelethe* nehelibena,* amakha kanye nenhlaka ecwengekileyo, kulingane konke, 35wenze ngakho impepho, amakha njengokwenza komthaki, ethelwe ngosawoti, enhle, engcwele; 36ucolisise enye, uyibeke phambi kobufakazi etendeni lokuhlangana, lapho ngiyakuhlangana khona nawe, ibe ngcwelengcwele kini. 37Impepho oyakuyenza ningazenzeli yona njengokuthakwa kwayo; yoba ngcwele kuwe, yenzelwe uJehova. 38Yilowo nalowo oyakuyenza enjengayo ukuba ihogelwe uyakunqunywa kubantu bakubo.”

Currently Selected:

U-Eksodusi 30: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy