YouVersion Logo
Search Icon

UmShumayeli 5

5
Ukumesaba uJehova
1 Gcina unyawo lwakho, lapho uya endlini kaNkulunkulu, ngokuba ukusondela ukuyokuzwa kungcono kunokunikela ngomhlatshelo weziwula, ngokuba azazi ukuthi zenza okubi.
2 Ungabi namawala ngomlomo wakho,
nenhliziyo yakho mayingasheshi ukukhipha izwi
phambi kukaNkulunkulu,
ngokuba uNkulunkulu usezulwini,
wena usemhlabeni;
ngalokho amazwi akho mawabe yingcosana.
3 Ngokuba iphupho livela
ngemisebenzi eminingi
nephimbo lesiwula ngobuningi bamazwi.
4Lapho wenza isithembiso phambi kukaNkulunkulu, ungalibali ukusifeza, ngokuba akathokozi ngeziwula: feza lokhu okwethembisayo. 5 Kungcono ukuba ungenzi isithembiso kunokuba uthembisa ungafezi. 6Ungavumeli umlomo wakho ukuba wonise inyama yakho, futhi ungasho phambi kwesithunywa sikaNkulunkulu ukuthi kuyiphutha; yini ukuba uNkulunkulu athukuthelele izwi lakho, achithe umsebenzi wezandla zakho, na? 7 Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi, kukhona nokuyize namazwi amaningi, kepha wena yesaba uNkulunkulu.
8Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo. 9 Inkosi esebenzela amasimu iyinsizakalo yezwe kukho konke.
10Othanda imali akayikusutha ngemali,
nothanda okuningi akaneliswa yizithelo;
nalokho kuyize.
11Lapho okuhle kwanda,
nabakudlayo bayanda;
kulusizo luni kumninikho
ngaphandle kokuba akubone ngamehlo akhe na?
12 Ubuthongo besisebenzi bumnandi,
noma sidla okuyingcosana noma okuningi,
kepha ukusutha kocebileyo
akumvumeli ukuba alale.
13Kukhona ububi obudabukisayo engibubonile phansi kwelanga:
ingcebo egcinelwe
umniniyo ukuba imlimaze;
14 futhi uma ingcebo ichithwa
ngengozi embi,
indodana ayizalileyo
ayinalutho esandleni sayo.
15 Njengalokho aphuma esizalweni sikanina,
uyakubuye amuke,
ahambe ze njengasekufikeni kwakhe,
engatholi lutho ngomshikashika wakhe,
ahambe nalo esandleni sakhe.
16Nalokho kungububi obudabukisayo
ukuthi uyamuka kukho konke
njengokufika kwakhe;
unanzuzoni ukuthi ushikashikele umoya na?
17Yebo, zonke izinsuku zakhe
zisebumnyameni nasosizini,
nasekukhathazekeni okuningi,
nasekuguleni, nasekuthukutheleni.
18 Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle futhi kumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe. 19 Futhi bonke abantu uNkulunkulu abaphe ingcebo nemfuyo, abanike futhi namandla okudla kukho ukuba bathathe izabelo zabo, bathokoze ngomshikashika wabo lokho kuyisipho sikaNkulunkulu. 20Ngokuba akakhumbuli kakhulu izinsuku zokuphila kwakhe, lokhu uNkulunkulu emnika intokozo enhliziyweni yakhe.

Currently Selected:

UmShumayeli 5: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy