YouVersion Logo
Search Icon

UmShumayeli 3

3
Konke kunesikhathi sakho
1 Konke kunesikhathi sakho,
yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.
2 Kukhona isikhathi sokuzalwa
nesikhathi sokufa,
isikhathi sokutshala
nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo;
3isikhathi sokubulala
nesikhathi sokuphilisa,
isikhathi sokudiliza
nesikhathi sokwakha;
4isikhathi sokukhala
nesikhathi sokuhleka,
isikhathi sokulila
nesikhathi sokusina;
5isikhathi sokuphonsa amatshe
nesikhathi sokuqoqa amatshe,
isikhathi sokugona
nesikhathi sokungagoni;
6isikhathi sokufuna
nesikhathi sokulahlekelwa,
isikhathi sokugcina
nesikhathi sokuhlahla;
7isikhathi sokuklebhula
nesikhathi sokuthunga,
isikhathi sokuthula
nesikhathi sokukhuluma;
8isikhathi sokuthanda
nesikhathi sokuzonda,
isikhathi sokulwa
nesikhathi sokuzola.
9 Unanzuzoni osebenzayo ngalokho akushikashikayo na? 10Ngibonile umshikashika uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike. 11 Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni. 12 Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona. 13 Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho. 14 Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.
15 Lokhu okukhona yikho okwakukhona,
nalokhu okuyakuba khona kade kwakukhona;
uNkulunkulu ufuna okudlulileyo.
Umuntu ufana nezilwane
16Futhi ngabona phansi kwelanga ukuthi kukhona okubi endaweni yokwahlulela nokuthi kukhona ukushinga endaweni yokulunga.
17 Ngase ngithi enhliziyweni yami:
“UNkulunkulu uyakwahlulela nolungileyo nomubi,
ngokuba kukhona lapha isikhathi sezindaba zonke
nesemisebenzi yonke.”
18Ngathi enhliziyweni yami: “Kungenxa yamadodana abantu ukuze uNkulunkulu awavivinye, wona azibonele ukuthi anjengezilwane nje. 19 Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane, into inye ikwehlela kokubili: njengalokhu kufa lokho, kuyafa nalokhu; kunomphefumulo munye, umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize. 20 Konke kuya endaweni inye; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini. 21Ngubani owaziyo ukuthi umoya wamadodana abantu ukhuphukela phezulu, nomoya wezilwane ukuthi wehlela phansi emhlabathini, na?”
22 Ngase ngibona-ke ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngemisebenzi yakhe, lokhu kuyisabelo sakhe, ngokuba ngubani ongambuyisa ukuba abone okuyakuba semva kwakhe na?

Currently Selected:

UmShumayeli 3: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy