YouVersion Logo
Search Icon

UmShumayeli 12

12
1 Futhi khumbula uMdali wakho
emihleni yobusha bakho,
zingakafiki izinsuku ezimbi,
ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi:
“Angithokozi ngayo;”
2yebo, lingakabi mnyama ilanga,
nokukhanya, nenyanga,
nezinkanyezi, namafu engakabuyi emva kwemvula,
3 ngalolo suku lapho abalindi bendlu beyakuthuthumela,
amadoda anamandla agobe,
abasilikazi bayeke ngokuba beyingcosana,
abalunguza emafasiteleni bafiphazelwe,
4iminyango ivalwe esitaladini,
lapho umsindo wokusila uncipha,
umuntu avuke ngezwi lenyoni,
izintombi zonke zokuhlabelela zithuliswe;
5nalapho abantu besaba imimango
izesabiso zibe sendleleni,
umalimondi* ukhahlele,
intethe itotobe,
izithelo zesihlahla sekaphari*
zingabe zisaba namandla,
ngokuba umuntu useya endlini yakhe ephakade,
nabalilayo bazulazula esitaladini;
6yebo, lingakagqabuki igoda lesiliva,
nokhamba lwegolide lungakaphahlazwa,
nembiza ingakafi ngasemthonjeni,
nesondo lingakaphuki ngasemgodini wamanzi,
7 uthuli lubuyele emhlabathini,
njengokuba lwalunjalo,
umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.
8 “Ize leze,” usho uMshumayeli,
“konke kuyize.”
9 Futhi ngokuba uMshumayeli wayehlakaniphile, wayefundisa abantu ukwazi, wazindla, waphenya walungisa izaga eziningi. 10UMshumayeli wafuna ukuthola amazwi anamisayo afanele ukulotshwa, amazwi eqiniso.
11 Amazwi abahlakaniphileyo anjengezincijo, nezigaba zawo zinjengezipikili ezinamatheleyo, ephiwe nguMalusi munye. 12Kepha phezu kwalana, ndodana yami, mawuxwaye; ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela, nokufunda okuningi kukhathaza umzimba.
13 Nakhu ukuphela kwendaba,
lapho sekuzwakele konke:
Mesabe uNkulunkulu,
ugcine imiyalo yakhe,
ngokuba lokho kungokwabantu bonke.
14 Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa
uyakuyisa yonke imisebenzi
ekwahlulelweni kanye nakho konke
okufihliweyo, noma kuhle noma kubi.

Currently Selected:

UmShumayeli 12: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy