YouVersion Logo
Search Icon

UmShumayeli 11

11
Konke kuyize leze
1Thuma isinkwa sakho ebusweni bamanzi,
ngokuba uyakusifumana
emva kwezinsuku eziningi.
2 Yabela abayisikhombisa nabayisishiyagalombili,
ngokuba awukwazi okubi okuyakuba semhlabeni.
3Uma amafu egcwele imvula,
ayayithulula emhlabeni;
futhi uma kuwa umuthi ngaseningizimu
noma ngasenyakatho,
endaweni lapho uwa khona umuthi,
uyakuba lapho.
4Oqaphela umoya akayikuhlwanyela;
obheka amafu kayikuvuna.
5 Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi,
nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo,
kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke.
6Hlwanyela imbewu yakho kusasa,
ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa,
ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela,
yilena noma yileyo,
noma ziyakuba zinhle zombili ngokufanayo.
7Ukukhanya kumnandi,
yebo, kuhle emehlweni ukubona ilanga.
8Noma umuntu ekhona iminyaka eminingi,
makathokoze ngayo yonke,
akhumbule nokho nezinsuku zobumnyama
ukuthi njengokuba ziziningi,
konke okufikayo kuyize.
Iziluleko kwabasha
9 Thokoza, nsizwa,
ebusheni bakho,
inhliziyo yakho ikuphe ukwenama
emihleni yobunsizwa bakho,
uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho
njengokubona kwamehlo akho,
kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho
uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.
10Khipha usizi enhliziyweni yakho,
udlulise okubi emzimbeni wakho,
ngokuba ubusha nobunsizwa buyize.

Currently Selected:

UmShumayeli 11: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy