YouVersion Logo
Search Icon

UmShumayeli 10

10
Ukuhlakanipha nobuwula
1Izimpukane ezifileyo
zenza amafutha omthaki ukuba anuke, abile;
kanjalo ubuwula obuncane
bulingana nokuhlakanipha nodumo.
2Inhliziyo yohlakaniphileyo
ingakwesokunene sakhe,
kepha inhliziyo yesiwula ingakwesokhohlo.
3Yebo, nasendleleni esihamba ngayo isiwula,
siyaphela ingqondo,
sisho kubo bonke ukuthi siyisiwula.
4 Uma umoya wombusi ukuvukela,
ungashiyi indawo yakho,
ngokuba ukubekezela kuvimba izono ezinkulu.
5Kukhona ububi engibubonile phansi kwelanga,
bunjengephutha elivela kumbusi:
6ubuwula bubekwa ezindaweni eziningi eziphakemeyo,
kepha abacebileyo bahlala kweziphansi.
7Ngibonile izinceku zikhwele amahhashi,
nezikhulu zihamba phansi njengezinceku.
8 Omba umgodi uyakuwela kuwo,
nodiliza ugange uyakulunywa yinyoka.
9Okhipha amatshe uyakulinyazwa yiwo,
nobanda izinkuni uyakuba sengozini ngazo.
10Uma insimbi ibuthuntu,
umuntu engaloli usiko,
uyakhamelela ngamandla;
kepha okusizayo ukuphumelelisa kungukuhlakanipha.
11Uma inyoka iluma ingakalunjwa,
umlumbi akasizi lutho.
12 Amazwi omlomo wohlakaniphileyo anomusa,
kepha izindebe zesiwula ziyasigwinya sona.
13Ukuqala kwamazwi omlomo waso angubuwula,
nokugcina kokukhuluma kwaso kungubuhlanya obubi.
14 Isiwula siyandisa amazwi,
nokho umuntu akazi okuyakuba khona;
nalokho okuyakuba ngasemva kwakhe,
ngubani ongamtshela lokho na?
15Umshikashika weziwula uyaziqoba,
ukuze zingazi nokuya emzini.
16 Maye kuwe lizwe onkosi yakho ingumntwana,
nezikhulu zakho zinedili ekuseni!
17Ubusisiwe wena lizwe onkosi yakho iyindodana yabakhulu,
nezikhulu zakho zinedili ngesikhathi,
ziziqinise, zingadakwa.
18Ngobuvila obukhulu indlu iyabola,
nangokwenqena kwezandla iyavuza.
19 Idili lenzelwa ukuhleka,
newayini liyenamisa ukuphila,
kepha imali iyimpendulo yakho konke.
20 Ungayiqalekisi inkosi nasemicabangweni yakho,
ungabathuki abacebileyo nasekamelweni lakho lokulala,
ngokuba inyoni yezulu iyakulihambisa izwi,
nokunamaphiko kuyakuyilanda indaba.

Currently Selected:

UmShumayeli 10: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy