YouVersion Logo
Search Icon

UDuteronomi 28

28
Izibusiso neziqalekiso
1 “Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba. 2Zonke lezi zibusiso ziyakufika phezu kwakho, zikufice, uma ulilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.
3“Uyakubusiswa emzini, ubusiswe nasensimini.
4“Iyakubusiswa inzalo yesisu sakho, nezithelo zomhlaba wakho, nenzalo yezilwane zakho, nesanda sezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho.
5“Kuyakubusiswa iqoma lakho, nomkhombe wakho wokuxova isinkwa.
6 “Uyakubusiswa ekungeneni kwakho, ubusiswe nasekuphumeni kwakho.
7“UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; ziyakukuhlasela ngandlelanye, zikubalekele ngezindlela eziyisikhombisa.
8“UJehova uyakuyala isibusiso sibe phezu kwakho ezinqolobaneni zakho nakukho konke obeka kukho isandla sakho, akubusise ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
9 “UJehova uyakukumisa ube yisizwe esingcwele kuye njengokufunga kwakhe kuwe, uma uyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe. 10Bonke abantu bomhlaba bayakubona ukuthi ubiziwe ngegama likaJehova, bakwesabe. 11 UJehova uyakukwandisela okuhle: inzalo yesisu sakho, nenzalo yezinkomo zakho, nezithelo zomhlabathi wakho ezweni uJehova alifungela oyihlo ukukunika lona.
12 “UJehova uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo, izulu, anise imvula yezwe lakho ngesikhathi sayo, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo. 13UJehova uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; woba phezulu kuphela, ungabi ngaphansi, uma uyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho engikuyala ngayo namuhla ukuba uyigcine, uyenze, 14nalapho ungaphambuki nakulo elilodwa lamazwi engikuyala ngawo namuhla ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukulandela abanye onkulunkulu ukuba ubakhonze.
15 “Kuyakuthi uma ungalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uqaphele ukwenza yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso zikwehlele, zikufice.
16“Uyakuqalekiswa emzini, uqalekiswe nasensimini.
17“Iqoma lakho liyakuqalekiswa, kuqalekiswe nomkhombe wakho wokuxova isinkwa.
18“Inzalo yesisu sakho iyakuqalekiswa, nezithelo zomhlabathi wakho, nesanda sezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho.
19“Uyakuqalekiswa ekungeneni kwakho, uqalekiswe nasekuphumeni kwakho.
20“UJehova uyakukwehlisela isiqalekiso, nokuphaphatheka, nokusolwa, kukho konke obeka isandla sakho kukho ukuba ukwenze, uze uchithwe, ubhubhe ngokushesha ngenxa yobubi bezenzo zakho ongidelele ngazo. 21UJehova uyakunamathelisa kuwe isifo, aze akuqede ezweni ongena kulo ukulidla. 22 UJehova uyakukushaya ngesifuba, nangomkhuhlane, nangesivuvushisa somzimba, nangokushisa okukhulu, nangenkemba, nangokuhamuka, nangesikhutha; kuyakukuxosha uze uphele. 23 Izulu lakho eliphezu kwakho liyakuba yithusi, umhlaba ophansi kwakho ube yinsimbi. 24UJehova uyakwenza imvula yezwe lakho ibe ngumsizi nothuli; kuyakwehla ezulwini, kufike phezu kwakho, uze ubhujiswe.
25 “UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezitha zakho, uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo, ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba. 26Isidumbu sakho siyakuba ngukudla kwezinyoni zonke zezulu nokwezilwane zomhlaba; akuyikubakho ozihebezayo. 27 UJehova uyakukushaya ngamathumba aseGibithe, nangamaqhubu, nangomuna, nangokhwekhwe ongenakuphulukiswa kukho. 28 UJehova uyakukushaya ngobuhlanya, nangobumpumputhe, nangokugcwaneka, 29uphumputhe emini njengempumputhe iphumputha ebumnyameni; awuyikuphumelela ezindleleni zakho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyikubakho muntu wokukusindisa.
30 “Uyakuganwa ngumfazi, omunye umuntu alale naye; uyakwakha indlu, ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungazikhi izithelo zaso. 31Inkabi yakho iyakuhlatshwa emehlweni akho, ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho, ingabuyiselwa kuwe; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, kungabikho okusindisayo. 32Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe, amehlo akho abheke, aphele ngokuwalangazelela lonke usuku, kungabikho lutho emandleni esandla sakho. 33 Izithelo zomhlabathi wakho nayo yonke imisebenzi yakho kuyakudliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe 34ukuba ugcwaneke ngokubonwa ngamehlo akho oyakukubona. 35UJehova uyakukushaya emadolweni akho nasemilenzeni ngamathumba amabi ongenakuphulukiswa kuwo, kusukela ematheni onyawo lwakho kuze kufike okhakhayini lwakho.
36“UJehova uyakuyisa wena nenkosi oyibeke phezu kwakho kuso isizwe ongasazi, wena nawoyihlo, ukhonze lapho abanye onkulunkulu, imithi namatshe. 37 Uyakuba yisimangaliso, nesaga, nesifenqo phakathi kwezizwe zonke lapho uJehova eyakukuyisa khona.
38 “Uyakuphuma nembewu eningi, uye ensimini, ubuthe okuyingcosana, ngokuba kuyakudliwa yisikhonyane. 39Uyakutshala izivini, uzisebenze, kepha awuyikuliphuza iwayini, ungabuthi izithelo zomvini, ngokuba umswenya uyakuzidla. 40Uyakuba neminqumo phakathi kwemikhawulo yakho yonke, ungazigcobi nokho ngamafutha, ngokuba izithelo zeminqumo yakho ziyakuvuthuluka. 41Uyakuzala amadodana namadodakazi, kepha awayikuba ngawakho, ngokuba ayakuthunjwa. 42Yonke imithi yakho nezithelo zomhlabathi wakho kuyakudliwa yisikhonyane.
43“Umfokazi ophakathi kwakho uyakuphakama phezu kwakho njalonjalo, wena wehle njalonjalo. 44Uyakukutsheleka wena, awuyikumtsheleka yena; yena uyakuba yinhloko, wena ube ngumsila.
45“Zonke lezi ziqalekiso ziyakukwehlela, zikuxoshe, zikufice, uze ubhujiswe, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe abekuyala ngakho, 46zibe phezu kwakho isibonakaliso nesimangaliso, naphezu kwenzalo yakho kuze kube phakade. 47Lokhu ungamkhonzanga uJehova uNkulunkulu wakho ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo ngenxa yobuningi bezinto, 48uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kuwe ngokulamba, nangokoma, nangobunqunu, nangokuswela izinto zonke, abeke ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.
49 “UJehova uyakukuthumela isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba njengokundiza kokhozi, isizwe ongayikuqonda ulimi lwaso, 50 isizwe esinobuso obujamayo, esingayikunakekela ubuso bomdala, singabi namusa komusha. 51Siyakuyidla inzalo yezinkomo zakho, nezithelo zomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, singakushiyeli amabele, noma iwayini, noma amafutha, noma isanda sezinkomo zakho, noma amazinyane ezimvu zakho, aze akuqede. 52Siyakukuvimbezela kuwo onke amasango akho, zize ziwe izingange zakho owazethembayo ezweni lakho lonke, sikuvimbezele kuwo onke amasango akho ezweni lakho lonke uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.
53 “Uyakudla inzalo yesakho isisu, inyama yamadodana akho neyamadodakazi akho uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona ekuvinjezelweni nasekuxinekeni izitha zakho eziyakukuxina ngakho. 54Umuntu othambileyo notetemayo phakathi kwenu, iso lakhe liyakuba libi kumfowabo, nakumkakhe osesifubeni sakhe, nakuyo insali yabantwana bakhe abaseleyo, 55ukuba angabaniki inyama yabantwana bakhe abadlayo ngokuba engasalelwanga lutho olunye ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho. 56Owesifazane othambileyo notetemayo phakathi kwenu obengenasibindi sokubeka amathe onyawo lwakhe emhlabathini ngenxa yokutetema nokuthambeka, iso lakhe liyakuba libi endodeni esesifubeni sakhe, nasendodaneni yakhe, nasendodakazini yakhe, 57nakumzanyama wakhe ophuma phakathi kwezinyawo zakhe, nakubantwana bakhe ayakubazala, ngokuba uyakubadla ngasese ekusweleni kwakhe ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho.
58“Uma ungaqapheli ukuwenza onke amazwi alo mthetho alotshiwe kule ncwadi ukuba ulesabe igama lakhe elidumisekayo nelesabekayo elithi UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO, 59uJehova uyakwenza izifo zakho ukuba zimangalise, kanye nezifo zenzalo yakho, izifo ezinkulu ezihlala isikhathi eside nokugula okubi okuhlala isikhathi eside. 60Uyakubuyisela phezu kwakho zonke izifo zaseGibithe owazesabayo, zinamathele kuwe. 61Konke ukugula nazo zonke izifo okungalotshiwe encwadini yalo mthetho, lokho uJehova uyakukukhweza phezu kwakho, uze ubhujiswe. 62 Niyakushiywa nibe yingcosana, ingani naningangezinkanyezi zezulu ngobuningi, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho. 63 Kuyakuthi njengalokho uJehova wayejabula ngani ukunenzela okuhle nokunandisa, kanjalo uJehova ajabule ngani ukwenza ukuba nibhubhe, niqothulwe, nisishulwe ezweni eningena kulo ukulidla.
64 “UJehova uyakukuhlakazela phakathi kwabantu bonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye uhlangothi lomhlaba, ukhonze lapho abanye onkulunkulu ongabaziyo, wena nawoyihlo, imithi namatshe. 65Phakathi kwalezo zizwe awuyikuthola ukuthula, kungabikho kuphumula ematheni onyawo lwakho, kepha uJehova uyakukunika khona inhliziyo eqhaqhazelayo, nokuphela kwamehlo, nokudangala komphefumulo, 66ukuphila kwakho kujikiswa phambi kwakho, wesabe ubusuku nemini, ungabe usaba nethemba ngokuphila kwakho; 67ekuseni uyakuthi: ‘Sengathi ngabe kukusihlwa,’ nakusihlwa uyakuthi: ‘Sengathi ngabe kusekuseni,’ ngenxa yengebhe yenhliziyo yakho oyakuba nayo nagenxa yokubonwa ngamehlo akho oyakukubona. 68 UJehova uyakukubuyisela eGibithe ngemikhumbi ngendlela engasho ngayo kuwe ukuthi: ‘Awusayikuyibona futhi.’ Lapho niyakuzithengisa ezitheni zenu nibe yizigqila nezigqilakazi, ningathengwa muntu kodwa.”

Currently Selected:

UDuteronomi 28: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy