YouVersion Logo
Search Icon

UDuteronomi 17

17
Isijeziso sokukhonza onkulunkulu bamanga
1 “Ungahlabeli uJehova uNkulunkulu wakho inkomo, noma imvu enesici, enokubi okuthile, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho. 2 Uma kutholakala phakathi kwakho, ngaphakathi kwelithile lamasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona, owesilisa noma owesifazane owenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho ngokweqa isivumelwano sakhe, 3wahamba, wakhonza abanye onkulunkulu, wakhuleka kubo, noma ilanga, noma inyanga, noma ibandla lezulu, engingayalanga ngakho, 4besewubikelwa khona, ukuzwe, wokubuzisisa; bheka, uma kuqinisile, leyo nto iqinisekile yokuthi isinengiso esinjalo senziwe kwa-Israyeli, 5 uyakukhiphela lowo wesilisa noma lowo wesifazane owenze leyo nto embi emasangweni akho, lowo wesilisa noma lowo wesifazane umkhande ngamatshe ukuba afe. 6 Ngomlomo wawofakazi ababili noma ngowawofakazi abathathu uyakubulawa lowo ofanele ukufa; ngomlomo wofakazi munye akayikubulawa. 7 Isandla sawofakazi siyakuba ngesokuqala kuye ukumbulala, ngasemuva izandla zabantu bonke. Kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.
Imithetho yabahluleli neyamakhosi
8 “Uma kuvela indaba ekwahlulayo, ekwahluleleni phakathi kwegazi negazi, naphakathi kwecala necala, naphakathi kokushaya nokushaya, kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho, wosuka, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha, 9 uye kubapristi bamaLevi, nakumahluleli oyakuba khona ngalezo zinsuku, ukuze bakutshele isinqumo sokwahlulela, 10wenze njengezwi lesinqumo abayakukwazisa lona kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova, uqaphele ukwenza njengakho konke abakufundisa khona; 11njengezwi lomthetho abayakukufundisa lona nanjengesahlulelo abayakukutshela sona uyakwenza, ungachezukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ekwahluleleni kwabo. 12Umuntu oziqhenya ngokungalaleli umpristi omiyo ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli, lowo muntu makafe, wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli. 13Bonke abantu bayakuzwa, besabe, bangabe besenza ngokuziqhenya.
14 “Nxa ufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulidle, uhlale kulo, uthi: ‘Ngiyakubeka inkosi phezu kwami njengazo zonke izizwe ezingizungezayo,’ 15uyakumbeka nokumbeka abe yinkosi phezu kwakho yena uJehova uNkulunkulu wakho ayakumkhetha; uyakubeka omunye wabafowenu inkosi phezu kwakho, ungabeki phezu kwakho owezizwe, ongesiye umfowenu. 16 Kepha akayikuzandisela amahhashi, angabuyiseli abantu eGibithe, ukuze andise amahhashi, ngokuba uJehova ushilo kini, wathi: ‘Anisayikubuyela ngaleyo ndlela.’ 17 Akayikuzandisela abafazi, ukuze inhliziyo yakhe ihlubuke, angazandiseli isiliva negolide.
18 “Kuyakuthi nxa ehlala esihlalweni sobukhosi sombuso wakhe, uyakuzilobela impinda yalo mthetho encwadini ngokuthatha kuleyo ekubapristi bamaLevi; 19 iyakuba kuye, ayifunde zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ukuba afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakhe, agcine onke amazwi omthetho wakhe nalezi zimiso ukuba azenze, 20inhliziyo yakhe ingaphakami ngaphezu kwabafowabo, angaphambuki emiyalweni, aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze azandise izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe phakathi kuka-Israyeli.

Currently Selected:

UDuteronomi 17: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy