YouVersion Logo
Search Icon

UDuteronomi 14

14
Izilwane ezihlambulukileyo nezingcolileyo
1 “Ningabantwana bakaJehova uNkulunkulu wenu; aniyikuzisika, ningaziphuculi phezu kwamehlo enu ngenxa yabafileyo. 2 Ngokuba ningabantu abangcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; uJehova unikhethile nibe yisizwe senzuzo yakhe ngaphezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.
3“Ungadli into enengekayo. 4 Nazi izilwane eningazidla: inkomo, nemvu, nembuzi, 5nendluzele, nensephe, nenxala, nempala, nempalampala, newula, negogo. 6Ningadla nezilwane ezahlukanisa inselo, ezidabula inselo kabili, ezetshisayo kuzo izilwane. 7Nokho lezi aniyikuzidla kwezetshisayo nakuzo ezidabula inselo: ikamela, nonogwaja, nembila, ngokuba ziyetshisa, zingahlukanisi kodwa inselo; zingcolile kini; 8nengulube, ngokuba iyahlukanisa inselo, ingetshisi kodwa; ingcolile kini; aniyikuyidla inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo.
9 “Lezi ningazidla kuzo zonke ezisemanzini: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe; 10zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe ningezidle; zingcolile kini.
11“Ningadla kuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo. 12 Kodwa yilezi eningayikudla kuzo: ukhozi, nenqe, nengqungqulu, 13nesiphungumangathi, noheshe, nonhloyile ngezinhlobo zakhe, 14nawo onke amagwababa ngezinhlobo zawo, 15nentshe, nenkovana, nenkanku, noklebe ngezinhlobo zakhe, 16nesikhova, nomxwagele, nefukezi, 17nevuba, nophalane, nomphishamanzi, 18nonogolantethe, nonozalizingwenya ngezinhlobo zakhe, noziningweni, nelulwane.
19 “Nezilwanyana zonke ezinamaphiko zingcolile kini: azinakudliwa. 20Kepha ezinyonini zonke ezihlambulukileyo ningadla.
21 “Aniyikudla lutho lwengcuba; ungamnika umfokazi ophakathi kwamasango akho ukuba akudle, noma uthengise ngakho kowezizwe, ngokuba wena uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.
Okweshumi
22 “Uyakunikela ngokweshumi kwazo zonke izithelo zembewu yakho, lokho okuvela ensimini iminyaka ngeminyaka, 23 ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha yena ukuba igama lakhe lihlale kuyo, okweshumi kwamabele akho, nokwewayini lakho, nokwamafutha akho, nokwamazibulo ezinkomo zakho, nokwawezimvu zakho, ukuba ufunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakho njalo. 24Uma indlela ikude nawe, ungenamandla okukuthwala, ngokuba ikude kakhulu nawe indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba alibeke kuyo igama lakhe, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisa, 25uyakukwenana ngemali, uyisonge imali esandleni sakho, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha, 26uthenge ngaleyo mali noma intoni umphefumulo wakho oyithandayo, izinkabi, noma izimvu, noma iwayini, noma uphuzo olunamandla, noma intoni umphefumulo wakho oyifunayo, udle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wename, wena nabendlu yakho; 27 nomLevi ophakathi kwamasango akho awuyikumeyisa, ngokuba akanasabelo nafa nawe.
28 “Ngasekugcineni kweminyaka emithathu njalo uyakukhipha konke okweshumi kwezithelo zakho ngawona lowo mnyaka, ukubekelele phakathi kwamasango akho; 29 nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi, abangaphakathi kwamasango akho, bayakuza, badle, basuthe ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wesandla sakho owenzayo.

Currently Selected:

UDuteronomi 14: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy