YouVersion Logo
Search Icon

UDaniyeli 6

6
UDaniyeli usemphandwini wezingonyama
1Kwaba kuhle kuDariyu ukubeka phezu kombuso izikhulu eziyikhulu namashumi amabili ebeziyakuba sembusweni wonke. 2Phezu kwazo wamisa abongameli abathathu, uDaniyeli engomunye wabo, ukuba izikhulu zibike kubo, ukuze inkosi ingalimali ngalutho. 3Khona uDaniyeli lo wabadlula abongameli nezikhulu, ngokuba umoya ophakemeyo wawukuye; inkosi yayicabanga ukummisa phezu kombuso wonke. 4Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholwanga siphosiso nacala kuye. 5Ayesethi lawa madoda: “Asiyikuthola lutho ngoDaniyeli, uma singalutholi kokuqondene nomthetho kaNkulunkulu wakhe.”
6 Base bebuthana labo bongameli nezikhulu enkosini, basho kanje kuyo, bathi: “Mana njalo, nkosi Dariyu. 7Bonke abongameli bombuso, nababusi, nezikhulu, nabomkhandlu, nezinduna balulekene kanyekanye ukuba kumiswe isimiso senkosi, kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama. 8 Kalokhu, nkosi, simemezele isiyalezo, ulobe umbhalo ukuba ungaguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.” 9Ngokunjalo inkosi uDariyu yayisiloba umbhalo nesiyalezo.
10 UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho enzile kuqala. 11Ayesebuthana lawo madoda, amfumana uDaniyeli ekhuleka, enxusa kuNkulunkulu wakhe. 12 Asondela, akhuluma phambi kwenkosi ngesiyalezo senkosi, athi: “Asithi ulobile isiyalezo sokuthi yilowo nalowo ocela nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na?”
Inkosi yaphendula yathi: “Iqinisile leyo nto ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.”
13Ayesephendula ethi phambi kwenkosi: “UDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda akakunaki wena nkosi, nesiyalezo osilobileyo, kepha uyacela isicelo sakhe kathathu ngosuku.” 14Lapho inkosi isizwile lawa mazwi, yadabuka kakhulu, yayibeka inhliziyo yayo kuDaniyeli ukuba imkhulule, yazama ukumophula kwaze kwaba sekushoneni kwelanga.
15Ayesebuthana lawo madoda enkosini, athi enkosini: “Yazi, nkosi, ukuthi kungumthetho wamaMede namaPheresiya ukuba kungaguqulwa isiyalezo nesimiso esimiswa yinkosi.”
16Yayisiyaleza inkosi, walethwa uDaniyeli, waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “UNkulunkulu wakho omkhonza njalo uyakukukhulula.”
17 Kwase kulethwa itshe, labekwa emlonyeni womphandu, inkosi yalinamathelisa ngendandatho yayo nangendandatho yizikhulu zayo, ukuze kungaguqulwa lutho maqondana noDaniyeli. 18Inkosi yase iya endlini yayo yobukhosi, yadlulisa ubusuku izila; izinkenezo zokubethwa azilethwanga kuyo, nobuthongo bayibalekela.
19Inkosi yavuka ekuseni kakhulu, yashesha yaya emphandwini wezingonyama. 20Kwathi isisondele emphandwini kuDaniyeli, yamemeza ngezwi elikhalayo; inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Daniyeli, wena nceku kaNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakukhulula kuzo izingonyama na?”
21UDaniyeli wathi enkosini: “Mana njalo, nkosi. 22 UNkulunkulu uthumile ingelosi yakhe, wavimba imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwafunyanwa kimi ukungabi nacala phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angenzanga okubi.”
23Yayisijabula kakhulu inkosi, yayaleza ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa emphandwini, akufunyanwanga mcothu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe.
24Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona nabantwana bawo, nawomkawo; izingonyama zatheleka phezu kwabo, zachoboza amathambo abo, bengakafinyeleli phansi emphandwini.
25UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke ukuthi: “Ukuthula makwande kinina.
26 “Ngenza isiyalezo ukuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngokuba
“unguNkulunkulu ophilayo,
umi kuze kube phakade,
nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa,
nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube sekupheleni.
27Uyakhulula, ophule;
uyenza izibonakaliso nezimangaliso
ezulwini nasemhlabeni,
yena omkhululile uDaniyeli emandleni ezingonyama.”
28 UDaniyeli wayeseqhubeka ngesineke ekubuseni kukaDariyu, nasekubuseni kukaKoresi umPheresiya.

Currently Selected:

UDaniyeli 6: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy