YouVersion Logo
Search Icon

U-Amose 8

8
Umbono ngezithelo zasehlobo
1INkosi uJehova yayisingibonisa kanje: bheka, nanto iqoma lezithelo zasehlobo. 2 Yathi: “Amose, ubonani na?”
Ngathi: “Iqoma lezithelo zasehlobo.”
Wayesethi uJehova kimi: “Ukuphela sekufikile kubantu bami u-Israyeli; angisayikumdlula.
3 “Izihlabelelo zethempeli ziyakuba ngukuhhewula ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova; “izidumbu ziyakuba ziningi, zilahlwe ezindaweni zonke. Thulani!”
Ukwahlulelwa kwabathengisi abakhohlisayo
4 Yizwani lokhu nina enigwinya abampofu,
nenichitha abaswelayo bezwe,
5 nithi:
“Kuyakudlula nini ukwethwasa kwenyanga
ukuba sithengise ngamabele,
nesabatha ukuba sikhiphe ukolweni,
senze i-efa* libe lincane,
senze ishekeli* libe likhulu,
senze izilinganiso ukuba zikhohlise,
6 ukuze sithenge abampofu ngesiliva
nabaswelayo ngamabhangqa ezicathulo,
sithengise ngamahlunge kakolweni.”
7UJehova ufungile ukuziqhenya kukaJakobe ngokuthi: “Impela angiyikukhohlwa kuze kube phakade nesisodwa sezenzo zabo.
8 “Umhlaba awuyikuqhaqhazela ngalokho,
balile bonke abakhileyo kuwo, na?
Yebo, uyakukhukhumala wonke njengeNayile,
unyakaze, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe.
9 “Kuyakuthi ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova,
“ngilishonise ilanga emini,
ngenze ukuba kube mnyama emhlabeni emini ekhanyayo.
10 Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala,
nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo,
ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke,
nobumpandla kuwo onke amakhanda,
ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa,
ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu.”
Indlala yezwi likaNkulunkulu
11“Bhekani, izinsuku ziyeza,” isho iNkosi uJehova,
“lapho ngiyakuthuma indlala ezweni,
kungabi yindlala yezinkwa,
kungabi ngukomela amanzi,
kepha kube ngeyokuzwa amazwi kaJehova.
12Bayakuzulazula kusukela elwandle kuze kube selwandle,
kusukela enyakatho kuze kube sempumalanga,
bahambahambe ukufuna izwi likaJehova,
kepha abayikulifumana.
13“Ngalolo suku izintombi ezinhle
nezinsizwa ziyakudangala ukoma.
14 Abafunga icala laseSamariya, bathi:
‘Kuphila kukankulunkulu wakho, Dani,’
nokuthi: ‘Kuphila kothandiweyo wakho, Beri Sheba,’
bayakuwa, bangabe besavuka.”

Currently Selected:

U-Amose 8: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy