YouVersion Logo
Search Icon

IzEnzo 12

12
Ukuzingelwa kwabebandla, nokubulawa kukaJakobe, nokuboshwa nokukhululwa kukaPetru
1Ngaleso sikhathi uHerode inkosi welula izandla ukuba ahluphe abathile bebandla. 2Wabulala uJakobe umfowabo kaJohane ngenkemba. 3Esebonile ukuthi lokhu kuyabathokozisa abaJuda, waqhubeka wambamba noPetru. Kwakuyizinsuku zezinkwa ezingenamvubelo. 4Wambamba, wamfaka etilongweni, wamnikela emaviyweni amane, yilelo nalelo linamabutho amane, ukuba amlinde, ehlose ukumkhuphulela ebantwini emva kwePhasika.
5 Ngakho-ke uPetru wagcinwa etilongweni; kepha ibandla lamkhulekela ngesineke kuNkulunkulu.
6Kwathi mhla uHerode ebezakumphumisa, ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamabutho amabili, eboshiwe ngamaketanga amabili, nabalindi phambi komnyango begcina itilongo. 7 Bheka, yafika ingelosi yeNkosi, kwakhanya ukukhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa ithi: “Shesha usukume.” Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe.
8Ingelosi yathi kuye: “Gqoka, ufake izicathulo zakho.” Wenze njalo. Yathi kuye: “Yembatha ingubo yakho, ungilandele.” 9Waphuma, wayilandela; wayengazi ukuthi kuyiqiniso okwenziwa yingelosi, kodwa wayethi ubona umbono. 10 Sebedlulile kubalindi bokuqala nabesibili bafika esangweni lensimbi eliya emzini, labavulekela ngokwalo, baphuma, badlula isitaladi saba sinye; ingelosi yayisimshiya masinyane.
11UPetru esesangulukile wathi: “Manje sengiyazi ngeqiniso ukuthi iNkosi ithumile ingelosi yayo, yangikhulula esandleni sikaHerode nakukho konke okubhekwe yisizwe sabaJuda.”
12 Sekumkhanyele lokho, wafika endlini kaMariya unina kaJohane othiwa uMarku, lapho bebebuthene khona abaningi bekhuleka. 13Esengqongqotha esivalweni sesango, yeza intombazana ukusabela, egama layo linguRoda; 14isilizwile izwi likaPetru ayivulanga esangweni ngenxa yokuthokoza, kepha yagijima yabika ukuthi uPetru umi ngasesangweni.
15Kodwa bathi kuyo: “Uyahlanya.”
Yona yaqinisa yathi: “Hhayi, kunjalo.”
Bona bathi: “Yingelosi yakhe.”
16Kepha uPetru waqinisa wangqongqotha; sebevulile babona ukuthi nguye, bamangala. 17Wayesebaqhweba ngesandla ukuba bathule, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani etilongweni, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane lokhu.” Wayesephuma, waya kwenye indawo.
18Sekusile, kwaba khona ukunyakaza okukhulu phakathi kwamabutho kokuthi uPetru wehlelwe yini. 19UHerode esemfunile engamfumananga, wabuzisisa abalindi, wayala ukuba babulawe. Wayesehla eJudiya, waya eKesariya, wahlala khona.
Ukufa kukaHerode
20Kepha wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni; kodwa beza kuye nganhliziyonye; sebemvumisile uBlastu induna yendlu yenkosi, bacela ukuthula, ngokuba izwe lakubo lalifunzwa ngelenkosi.
21Ngosuku olumisiweyo uHerode wembatha ingubo yobukhosi, wahlala esihlalweni, wakhuluma kubantu. 22 Abantu bamemeza bathi: “Yizwi likaNkulunkulu, akusilo elomuntu.” 23 Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.
24 Kodwa izwi likaNkulunkulu lakhula, landa.
25 Kepha oBarnaba noSawulu babuya eJerusalema sebeqede ukukhonza kwabo, behamba benoJohane othiwa uMarku.

Currently Selected:

IzEnzo 12: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy