YouVersion Logo
Search Icon

2 uSamuweli 23

23
Amazwi okugcina kaDavide
1Lawa angamazwi okugcina kaDavide.
“UDavide indodana kaJese uthi,
umuntu owaphakanyiselwa phezulu uthi,
ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobe
nomhlabeleli omnandi wakwa-Israyeli usho ukuthi:
2 “UMoya kaJehova wakhuluma ngami;
izwi lakhe lalisolimini lwami.
3UNkulunkulu ka-Israyeli wathi,
iDwala lika-Israyeli lakhuluma kimi ukuthi:
‘Obusa abantu ngokulunga,
abuse ngokumesaba uNkulunkulu,
4 unjengokukhanya kwasekuseni
ekuphumeni kwelanga,
isasa elingenamafu,
lapho kuvela ekukhanyeni uhlaza
emhlabathini emva kwemvula.’
5 “Ayinjalo indlu yami kuNkulunkulu na?
Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade;
sihleliwe ezintweni zonke, sigcinekile,
ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwami
akayikukuhlumisa na?
6Kepha onke amashinga ayakuba
njengameva alahlwayo,
ngokuba angephathwe ngesandla.
7Kodwa umuntu owathintayo
wohlonyiswa ngensimbi nangothi lomkhonto,
aze ashiswe nokushiswa ngomlilo kuleyo ndawo.”
Amaqhawe kaDavide
8 Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UJoshebi Bashebeti waseTahekemoni, inhloko yabathathu; nguyena owaphakamisa umkhonto wakhe, walwa nabantu abangamakhulu ayisishiyagalombili abagwazwa ngasikhathi sinye.
9 Emva kwakhe kwakungu-Eleyazare indodana kaDodayi indodana yomAhohi, omunye wamaqhawe amathathu ayenoDavide mhla edelela amaFilisti ayebuthene lapho ukulwa, abantu bakwa-Israyeli sebehambile; 10wasuka wabulala amaFilisti saze sakhathala isandla sakhe, isandla sakhe sanamathela enkembeni; uJehova wenza insindiso enkulu ngalolo suku; abantu babuya emva kwakhe ukuba baphange kuphela.
11Emva kwakhe kwakunguShama indodana ka-Age umHarari. AmaFilisti ayebuthene eLehi, lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele imbumba; abantu babaleka ebusweni bamaFilisti. 12Kepha wayemi phakathi nesiqephu, wasivikela, wawabulala amaFilisti; uJehova wenza insindiso enkulu.
13 Kwehla abathathu kwaba yizinhloko ezingamashumi amathathu, bafika kuDavide ngesikhathi sokuvuna emhumeni wase-Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa. 14UDavide wayesesenqabeni; ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema. 15UDavide wanxanela, wathi: “Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema ongasesangweni.” 16Lawo maqhawe amathathu afohla ikamu* lamaFilisti, akha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni, awathatha, awaletha kuDavide; kepha akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova. 17Wathi: “Makube kude nami, Jehova, ukuba ngenze lokhu; kuyigazi lalabo bantu ababesuka besengozini.” Akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.
18U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalabo abathathu. 19Wayengengotusekayo phakathi kwamashumi amathathu na? Ngalokho waba yisikhulu sabo, kepha akafinyelelanga nokho kwabathathu bokuqala.
20UBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa, 21wabulala nowaseGibithe, umuntu owabukeka emuhle; owaseGibithe wayephethe umkhonto esandleni sakhe, kepha wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe. 22Lezo zinto wazenza uBenaya indodana kaJehoyada, waba negama phakathi kwalawo maqhawe amathathu. 23Wayetuseka kunabangamashumi amathathu, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala. UDavide wambeka phezu kwabalindi bakhe.
24 Phakathi kwabangamashumi amathathu kwakukhona u-Asaheli umfowabo kaJowabe, no-Elihanani indodana kaDodo waseBetlehema, 25noShama waseHarodi, no-Elika waseHarodi, 26 noHelesi wasePaliti, no-Ira indodana ka-Ikheshi waseThekhowa, 27no-Abiyezeri wase-Anathoti, noMebunayi umHushati, 28 noSalimoni umAhohi, noMaharayi waseNethofa, 29noHelevi indodana kaBahana waseNethofa, no-Ithayi indodana kaRibayi waseGibeya labantwana bakwaBenjamini, 30 noBenaya wasePirathoni, noHidayi wangasemifudlaneni yakwaGahashi, 31no-Abi Aliboni wase-Araba, no-Azimaveti waseBarhumi, 32no-Eliyaba waseShahaliboni, noBene Jasheni, noJonathani, 33noShama waseHarari, no-Ahiyamu indodana kaSharari wase-Arari, 34 no-Elifeleti indodana ka-Ahashibayi indodana yomMahakha, no-Eliyamu indodana ka-Ahithofeli waseGilo, 35noHeserayi waseKarmeli, noPhaharayi wase-Arabi, 36no-Igali indodana kaNathani waseSoba, noBani wakwaGadi, 37noSeleki wakwa-Amoni, noNaharayi waseBeroti, izindibi zezikhali zikaJowabe indodana kaSeruya, 38no-Ira waseJetheri, noGarebi waseJetheri, 39 no-Uriya umHeti, bengamashumi amathathu nesikhombisa bebonke.

Currently Selected:

2 uSamuweli 23: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy