YouVersion Logo
Search Icon

2 uSamuweli 22

22
Ihubo lokubonga kukaDavide
1 UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule, 2 wathi:
“UJehova uyidwala lami,
nenqaba yami, nomkhululi wami;
3 uNkulunkulu uyidwala lami
engiphephela kulo,
nesihlangu sami,
nophondo lokusindiswa kwami,
inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami;
msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.
4 Ngiyamemeza kuJehova
odumisekayo,
ngisindiswe ezitheni zami.
5 “Ngokuba amaza okufa angihaqa;
izikhukhula zokona zangethusa.
6 Izintambo zasendaweni yabafileyo
zangizungeza,
izihibe zokufa zangehlela.
7 Ekuhluphekeni kwami ngambiza
uJehova,
ngakhala kuNkulunkulu wami;
walizwa izwi lami esethempelini lakhe;
ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe.
8 “Umhlaba wawusuzamazama,
wadikizela;
izisekelo zezulu zathuthumela,
zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.
9 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe,
nomlilo odlayo emlonyeni wakhe;
amalahle avutha kuye.
10Wathobisa izulu, wehla;
ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.
11 Wakhwela phezu kwekherubi,*
wandiza;
wabonwa emaphikweni omoya.
12 Wenza ubumnyama bube
ngamadokodo amphahlayo,
amanzi aqoqane, amafu abe nzima.
13Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe
kwavuthiswa amalahle omlilo.
14 UJehova waduma ezulwini;
oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.
15 Wathuma imicibisholo,
wabangquzula,
yebo, nonyazi, wabadidizelisa.
16Kwase kubonakala imisinga yamanzi;
izisekelo zomhlaba zambulwa
ngesijeziso sikaJehova,
ngokufutha komoya wamakhala akhe.
17 Waselula isandla sakhe ephezulu,
wangibamba;
wangikhipha emanzini amaningi.
18 Wangophula esitheni sami
esinamandla
nakubo abangizondayo,
ngokuba base bengahlulile.
19Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme
sami,
kepha uJehova waba yinsika yami.
20Wangiphumisela endaweni ebanzi:
wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.
21 “UJehova wangivuza ngokokulunga
kwami;
wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.
22Ngokuba ngizigcinile izindlela
zikaJehova;
angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.
23Ngokuba yonke imithetho yakhe
yayiphambi kwami,
nezimiso zakhe angizivumanga ukuba zisuke kimi.
24 Ngangiphelele kuye;
ngabuxwaya ububi.
25 UJehova wayesebuyisela kimi
njengokulunga kwami,
njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe.
26“Kothembekileyo uyazibonakalisa
ethembekile;
kumuntu oqotho uyazibonakalisa eqotho;
27 kohlanzekileyo uyazibonakalisa
ehlanzekile;
koyisigwegwe uyazibonakalisa enenkani.
28 Uyasindisa abantu abathobekileyo,
kepha amehlo akho aphezu kwabaqhoshileyo ukuba ubathobise.
29 Ngokuba wena uyisibani sami,
Jehova;
uJehova uyakhanyisa ubumnyama bami.
30 Ngokuba ngawe ngingahlasela impi;
ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.
31 Indlela kaNkulunkulu iphelele;
izwi likaJehova lihlanzekile;
yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.
32 “Ngokuba ngubani onguNkulunkulu
ngaphandle kukaJehova,
ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?
33UNkulunkulu uyangibhincisa
amandla;
uyenza indlela yami ilunge,
34 yena owenza izinyawo zami zibe
njengezendluzelekazi,
angimise emagqumeni ami;
35 ofundisa izandla zami ukulwa,
ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.
36Wena unginikile isihlangu sensindiso
yakho;
ubumnene bakho bungikhulisile.
37 Amabanga okunyathela kwami
uwandisile;
amaqakala ami awaxegi.
38“Ngazixosha izitha zami, ngazifica;
angibuyanga ngingakaziqedi.
39Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zaze
zahluleka ukuvuka;
zawa phansi kwezinyawo zami.
40Wangibhincisa amandla okulwa;
ababengivukele wabathobisa phansi kwami.
41Wangifulathelisela izitha zami,
nabangizondayo ngabaqothula.
42 Bakhala, kepha akubangakho
osindisayo,
nakuJehova, kodwa akaze aphendula.
43Ngabacolisisa njengothuli
lomhlabathi;
ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.
44“Wangikhulula ezimpini zabantu
bami;
wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe;
abantu engingabaziyo bangikhonza.
45 Abafo bazithoba phansi kwami;
banele ukungizwa nje ngendlebe,
base bengilalela.
46Abafo babuna,
baphuma ezinqabeni zabo bethuthumela.
47“UJehova usekhona malidunyiswe
idwala lami;
makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,
48uNkulunkulu onginikile impindiselo,
wathobisa izizwe phansi kwami;
49ongikhiphile ezitheni zami,
wangiphakamisa phezu kwabangivukelayo,
wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.
50 Ngalokho-ke ngizakukubonga
phakathi kwabezizwe, Jehova,
ngilihubele igama lakho.
51 Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini
yakhe;
uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide
nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.”

Currently Selected:

2 uSamuweli 22: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy