YouVersion Logo
Search Icon

2 AmaKhosi 8

8
Iminyaka eyisikhombisa yendlala
1 U-Elisha wayekhulumile nowesifazane ondodana yakhe ayivusile ngokuthi: “Suka uhambe wena nabendlu yakho, uhlale lapho ungahlala khona, ngokuba uJehova umemezele indlala, futhi iyakufika ezweni iminyaka eyisikhombisa.” 2Wasuka lowo wesifazane, wenza njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; wahamba nabendlu yakhe, wagogobala ezweni lamaFilisti iminyaka eyisikhombisa.
3Kwathi ngasekupheleni kweminyaka eyisikhombisa lowo wesifazane wabuya ezweni lamaFilisti; waphuma, wazikhalela enkosini ngendlu yakhe nangezwe lakhe. 4Inkosi yayisilokhu ikhuluma noGehazi inceku yomuntu kaNkulunkulu ukuthi: “Ake ungilandise zonke izinto ezinkulu azenzileyo u-Elisha.” 5Kwathi esayilandisa inkosi ukuthi uvusile ofileyo, bheka, owesifazane ondodana yakhe ayivusileyo wakhala enkosini ngendlu yakhe nangezwe lakhe. Wayesethi uGehazi: “Nkosi yami, nkosi, yilo owesifazane, yile indodana yakhe u-Elisha ayivusileyo.” 6Inkosi yayisimbuza owesifazane, wayilandisa. Inkosi yammisela induna ethile ngokuthi: “Buyisa konke okwakungokwakhe nazo zonke izithelo zensimu, kusukela osukwini owasuka ngalo ezweni kuze kube manje.”
UHazayeli uyinkosi e-Aramu
7Wayesefika u-Elisha eDamaseku; uBeni Hadadi inkosi yase-Aramu wayegula; watshelwa ukuthi: “Umuntu kaNkulunkulu ufikile lapha.” 8 Inkosi yayisithi kuHazayeli: “Zithathele ngesandla sakho izipho, uhambe umhlangabeze lowo muntu kaNkulunkulu, ubuze kuJehova ngaye ukuthi: ‘Ngiyakusinda kulesi sifo na?’ ”
9Wayesehamba uHazayeli ukumhlangabeza, wazithathela ngesandla sakhe izipho ezintweni zonke ezinhle zaseDamaseku, imithwalo yamakamela angamashumi amane, weza wema phambi kwakhe, wathi: “Indodana yakho uBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu, ingithumile kuwe ngokuthi: ‘Ngiyakusinda kulesi sifo na?’ ”
10U-Elisha wathi kuye: “Hamba, uthi kuye: ‘Uyakusinda nokusinda,’ kodwa uJehova ungibonisile ukuthi ngempela uyakufa nokufa.” 11U-Elisha wayesemgqolozela, UHazayeli waze waba namahloni. Wayeseqhumuka ekhala umuntu kaNkulunkulu.
12 UHazayeli wathi: “Inkosi yami ikhalelani na?”
Yathi: “Ngokuba ngiyazi okubi oyakukwenza kubantwana bakwa-Israyeli; uyakuthungela izinqaba zabo ngomlilo, ubulale izinsizwa zabo ngenkemba, uphahlaze izingane zabo, uqaqe abesifazane babo abakhulelweyo.”
13 Kepha uHazayeli wathi: “Kodwa iyini inceku yakho eyinja nje ukuba yenze le nto enkulu na?”
Wathi u-Elisha: “UJehova ungibonisile ukuthi uyakuba yinkosi e-Aramu.”
14Wayesesuka ku-Elisha, weza enkosini yakhe; yathi kuye: “Utheni kuwe na?” Wathi: “Uthe kimi uyakusinda nokusinda.” 15Kepha kwathi ngangomuso wathatha indwangu embozayo, wayicwilisa emanzini, wayimboza ubuso ngayo, yafa; uHazayeli waba yinkosi esikhundleni sayo.
OJehoramu no-Ahaziya bangamakhosi kwaJuda
16 Ngomnyaka wesihlanu kaJoramu indodana ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, uJehoshafati eyinkosi kwaJuda, uJehoramu, indodana kaJehoshafati, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi. 17Wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema. 18Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba indodakazi ka-Ahabi yayingumkakhe; wenza okubi emehlweni kaJehova. 19 Kepha uJehova akathandanga ukuchitha uJuda ngenxa kaDavide inceku yakhe njengokusho kwakhe kuye ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.
20 Emihleni yakhe u-Edomi wahlubuka phansi kwesandla sakwaJuda, wazibekela inkosi. 21UJoramu wayesewelela eSayiri, nazo zonke izinqola zakhe zinaye; wavuka ebusuku, wamchitha u-Edomi omhaqileyo nxazonke, nezinduna zezinqola, kepha abantu babalekela ematendeni abo. 22 Wahlubuka-ke u-Edomi phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube namuhla. Khona lahlubuka neLibina ngasona leso sikhathi.
23Ezinye izindaba zikaJoramu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 24 UJoramu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; u-Ahaziya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
25 Ngomnyaka weshumi nambili kaJoramu indodana ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda waba yinkosi. 26 U-Ahaziya waba yinkosi eneminyaka engamashumi amabili nambili, wabusa umnyaka eJerusalema; igama likanina lalingu-Athaliya, indodakazi ka-Omri inkosi yakwa-Israyeli. 27Wahamba ngendlela yendlu ka-Ahabi, wenza okubi emehlweni kaJehova njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba wayengumkhwenyana wendlu ka-Ahabi.
28Wahamba noJoramu, indodana ka-Ahabi, ukuba alwe noHazayeli inkosi yase-Aramu eRamoti Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu. 29 Inkosi uJoramu yabuyela ukwelashwa eJizreyeli emanxebeni ayo ayemlimaze wona ama-Aramu eRama ekulweni kwayo noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Ahaziya, indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehlela ukumbona uJoramu, indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.

Currently Selected:

2 AmaKhosi 8: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy