YouVersion Logo
Search Icon

2 AmaKhosi 6

6
U-Elisha nembazo elahlekileyo. Impi nama-Aramu
1 Amadodana abaprofethi athi ku-Elisha: “Bheka, indawo esihlezi kuyo phambi kwakho, siminyene kuyo. 2Masihambe siye eJordani, sithathe khona, kube yilowo nalowo umshayo ube munye, senzele khona indawo esingahlala kuyo.”
Wathi: “Hambani.”
3Kepha omunye wathi: “Vuma uhambe nezinceku zakho.”
Wathi: “Ngiyakuhamba.” 4Wayesehamba nabo. Sebefike eJordani bagawula imithi. 5Kwathi lapho omunye esegawula umshayo, insimbi yawela emanzini; wakhala wathi: “Maye, nkosi! Ibitshelekiwe!”
6Wathi lowo muntu kaNkulunkulu: “Iwelephi na?” Wamkhombisa indawo. Wayesenquma uthi, waluphonsa khona, insimbi yantanta. 7Wayesethi: “Yikhuphule.” Welula isandla sakhe, wayithatha.
8Inkosi yase-Aramu yayisilokhu ilwa no-Israyeli; yelulekana nezinceku zayo ngokuthi: “Ukumisa kwami kuyakuba sekuthinithini.”
9Umuntu lowo kaNkulunkulu wathumela enkosini yakwa-Israyeli, wathi: “Qaphela ukuba ungadluli kuleyo ndawo, ngokuba ama-Aramu aseyaphumula khona.” 10Inkosi yakwa-Israyeli yayisithuma umuntu kaNkulunkulu kuleyo ndawo ayishoyo, wayixwayisa ngayo, yaqaphela kungekanye, kungekabili kuphela.
11Inhliziyo yenkosi yase-Aramu yayiphethwe yitwetwe ngale ndaba, yabiza izinceku zayo, yathi kuzo: “Ningengitshele yini ukuthi ngobani abakithi abavuma inkosi yakwa-Israyeli na?”
12Enye yezinceku zayo yathi: “Hhayi, nkosi yami, nkosi, kodwa u-Elisha, umprofethi wakwa-Israyeli, uyayitshela inkosi yakwa-Israyeli amazwi owakhulumayo ekamelweni lakho lokulala.”
13Yayisithi: “Hamba ubone ukuthi uphi ukuba ngithumele ngimlande.” Watshelwa ukuthi: “Bheka, useDothani.” 14Wathuma khona amahhashi, nezinqola, nempi enkulu; bafika ebusuku, bakaka umuzi nxazonke.
15Isikhonzi somuntu kaNkulunkulu sesivukile ekuseni, saphuma, bheka, impi enamahhashi nezinqola yayiwukakile umuzi. Yayisithi inceku kuye: “Maye, nkosi! Sesiyakwenze njani?”
16 Wathi: “Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.”
17 U-Elisha wakhuleka, wathi: “Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.
18 Sebehlela kuye, u-Elisha wakhuleka kuJehova, wathi: “Mawushaye lesi sizwe ngobumpumputhe.” Wasishaya ngobumpumputhe njengezwi lika-Elisha.
19Wayesethi u-Elisha kubo: “Le akusiyo indlela, nalona akusiwo umuzi; ngilandeleni, nginiyise kumuntu enimfunayo.” Wabayisa eSamariya.
20Kwathi sebefike eSamariya, u-Elisha wathi: “Jehova, vula amehlo alaba bantu ukuba babone.” UJehova wavula amehlo abo, babona; bheka, base bephakathi kweSamariya.
21Inkosi yakwa-Israyeli yathi ku-Elisha, isibabonile: “Baba, ngibabulale na? Ngibabulale na?”
22Kepha wathi: “Awuyikubabulala; ungababulala yini labo obathumbile ngenkemba yakho nangomnsalo wakho na? Beka isinkwa namanzi phambi kwabo ukuba badle, baphuze, baye enkosini yabo.” 23Yayisibalungisela idili, badla, baphuza; yabavumela ukuba bahambe, baya enkosini yabo. Amaviyo ama-Aramu awabe esaphinda ukungena ezweni lakwa-Israyeli.
Indlala yaseSamariya
24Kwathi emva kwalokho uBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu, wabutha yonke impi yakhe, wenyuka, wavimbezela iSamariya. 25Kwaba khona indlala enkulu eSamariya; bheka, balivimbezela kwaze kwathengiswa ngekhanda lembongolo ngezinhlamvu ezingamashumi ayisishiyagalombili zesiliva nokwesine kwesigaxa somswani wejuba ngezinhlamvu eziyisihlanu zesiliva.
26Kwathi inkosi yakwa-Israyeli idlula phezu kogange, kwamemeza kuyo owesifazane, wathi: “Siza, nkosi yami, nkosi.”
27Kepha yathi: “Uma uJehova engakusizi, mina ngingatholaphi usizo na? Esibuyeni noma esikhamweni sewayini na?” 28 Yayisithi inkosi kuye: “Unani na?”
Wathi: “Lo wesifazane wathi kimi: ‘Letha indodana yakho ukuba siyidle namuhla, sidle indodana yami kusasa.’ 29Sase siyipheka indodana yami, sayidla; ngase ngithi kuye ngosuku olulandelayo: ‘Letha indodana yakho ukuba siyidle;’ wayeseyifihlile indodana yakhe.”
30Kwathi inkosi isizwile amazwi alo wesifazane, yaklebhula izingubo zayo isadlula phezu kogange; abantu babuka, bheka, yayinendwangu yamasaka phansi emzimbeni wayo. 31 Yathi: “UNkulunkulu makenze njalo, enezele futhi, uma ikhanda lika-Elisha, indodana kaShafati, liyakube lisekuye namuhla.”
32Yayisithuma umuntu phambi kwayo, u-Elisha esahlezi endlini yakhe, namalunga ehlezi naye; kepha, singakafiki kuye isithunywa, wathi emalungeni: “Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukunquma ikhanda lami na? Bhekani, ekufikeni kwesithunywa manivale isivalo, nisibuyisele emuva isithunywa ngesivalo; angithi izigqi zezinyawo zenkosi yaso zisemva kwaso na?”
33 Esakhuluma nawo, bheka, inkosi yehlela kuye; yathi: “Bheka, lobu bubi buvela kuJehova; ngisamhlalelelani uJehova na?”

Currently Selected:

2 AmaKhosi 6: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy