YouVersion Logo
Search Icon

2 AmaKhosi 24

24
Ukuphela kukaJehoyakimi
1 Emihleni yakhe kwenyuka uNebukadinesari inkosi yaseBabele; uJehoyakimi wayeyinceku yakhe iminyaka emithathu; wayesebuya, wamhlubuka. 2 UJehova wathuma kuye amaviyo amaKaledi, namaviyo ama-Aramu, namaviyo abakwaMowabi, namaviyo abantwana bakwa-Amoni, wawathuma kuJuda ukumchitha njengezwi likaJehova alikhulumayo ngesandla sezinceku zakhe abaprofethi. 3 Impela kwaba khona lokho kwaJuda ngezwi likaJehova ukubasusa ebusweni bakhe ngenxa yezono zikaManase njengakho konke akwenzileyo, 4 nangenxa yegazi elingenacala alichithayo, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala, lokhu uJehova akavumanga ukukuthethelela.
5Ezinye izindaba zikaJehoyakimi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 6UJehoyakimi wayeselala koyise; uJehoyakini indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
7Inkosi yaseGibithe ayiphindanga futhi ukuphuma ezweni lakubo, ngokuba inkosi yaseBabele yayithathile konke okwakungokwenkosi yaseGibithe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni u-Ewufrathe.
OJehoyakini noSedekiya bangamakhosi kwaJuda
8 UJehoyakini wayeneminyaka eyishumi nesishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema; igama likanina lalinguNehushita indodakazi ka-Elinathani waseJerusalema. 9Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise.
10Ngaleso sikhathi izinceku zikaNebukadinesari inkosi yaseBabele zenyukela eJerusalema, umuzi wavinjezelwa. 11UNebukadinesari inkosi yaseBabele weza emzini, izinceku zakhe zisawuvimbezele. 12UJehoyakini inkosi yakwaJuda waphuma, waya enkosini yaseBabele, yena nonina, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nezinduna zakhe; inkosi yaseBabele yamthatha ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe. 13 Yakhipha khona yonke ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yahlahlela zonke izinto zegolide uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli azenzileyo ethempelini likaJehova njengokukhuluma kukaJehova. 14 Yathumba lonke iJerusalema, nazo zonke izikhulu, nawo onke amaqhawe anamandla, abathunjwa abayizinkulungwane eziyishumi, nezinyanga zonke zemisebenzi, nabakhandi; akushiywanga muntu ngaphandle kwabantu abayizimpofana bezwe.
15 Yathumba uJehoyakini, yamyisa eBabele; nonina wenkosi, nabafazi benkosi, nezinduna zayo, nabakhulu bezwe yabamukisa ngokubathumba eJerusalema, yabayisa eBabele. 16 Onke amadoda anamandla, ayizinkulungwane eziyisikhombisa, nezinyanga, nabakhandi, abayinkulungwane, bonke bengamaqhawe azilungiselele ukulwa, nabo inkosi yaseBabele yabayisa eBabele ngokubathumba. 17 Inkosi yaseBabele yambeka uMathaniya, uyisekazi, inkosi esikhundleni sakhe, yaguqula igama lakhe laba nguSedekiya.
18 USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguHamithali, indodakazi kaJeremiya waseLibina. 19Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uJehoyakimi. 20Ngokuba kwenzeka lokho eJerusalema nakwaJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova, waze wabalahla ebusweni bakhe; uSedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.

Currently Selected:

2 AmaKhosi 24: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy