YouVersion Logo
Search Icon

2 kwabaseKorinte 12

12
UPawulu wamukela izambulo kuJesu
1 Kumelwe ukuba ngizibonge noma kungasizi; kepha sengizakuphatha imibono nezambulo zeNkosi. 2Ngiyamazi umuntu ekuKristu, sekuyiminyaka eyishumi nane – nakuba wayesemzimbeni angazi, nakuba wayengaphandle komzimba angazi, nguNkulunkulu owaziyo – onjalo wahlwithwa wayiswa kwelesithathu izulu. 3Yebo, ngiyamazi umuntu onjalo – nakuba wayesemzimbeni, nakuba wayengekho emzimbeni, angazi, nguNkulunkulu owaziyo – 4 ukuthi wahlwithwa wayiswa eParadisi*, wezwa amazwi angakhulumekiyo, okungavunyelwe ukuba umuntu awakhulume. 5 Ngonjalo ngizakuzibonga, kepha ngami uqobo angizukuzibonga, kuphela ngobuthakathaka bami. 6 Ngokuba noma bengingathanda ukuzibonga, bengingezukuba yisiwula; ngokuba bengizakube ngikhuluma iqiniso, kepha ngiyayeka, funa umuntu acabange ngami okungaphezu kwalokho angibona ngiyikho nakuzwayo kimi.
7 Ngalokho ukuze ngingaziphakamisi kakhulu ngobukhulu bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba ingimukule, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu. 8Ngayo-ke nganxusa iNkosi kathathu ukuba isuke kimi. 9 Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami. 10 Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.
Ukusolwa kwakhe yibandla akukho eqinisweni
11 Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kwakufanele ukuba nginconywe yinina. Ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu, noma ngingento yalutho. 12 Impela izibonakaliso zobuphostoli zenziwe kini ngokukhuthazela konke, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla. 13 Ngokuba nancishwani kunamanye amabandla, uma kungeyilokho ukuthi mina angibanga mthwalo kini na? Ngithetheleleni lelo cala.
14 Bhekani, sekungokwesithathu ngilungele ukuza kini; angiyikuba mthwalo kini, ngokuba angifuni okwenu, kodwa ngifuna nina. Ngokuba akubantwana abafanele ukuqongelela abazali, kodwa abazali baqongelela abantwana. 15 Kepha ngokujabula okukhulu ngiyakunikela konke, yebo, ngizinikele mina ngenxa yemiphefumulo yenu. Uma nginithanda kakhulu, kanti kuyilapho ngithandwa kancane na? 16Kepha makube ngukuthi anginisindanga mina, kodwa lokhu ngiyisihlakaniphi, nganibamba ngobuqili. 17 Ngake nganiqilizela yini ngomunye walabo engabathumela kini na? 18 Nganxusa uThithu, ngathuma kanye naye umzalwane; uThithu wake waniqilizela na? Asihambanga ngamoya munye na? Nangamkhondo munye na?
Iziluleko zokugcina zikaPawulu kwabaseKorinte
19 Kade nicabanga ukuthi siyaziphendulela kini. Thina sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu; kepha konke, bathandwa, kwenzelwa ukwakhiwa kwenu. 20 Ngokuba nginovalo lokuthi ekufikeni kwami mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikuthandayo, nami ngifunyanwe yinina nginjengalokho eningakuthandiyo, mhlawumbe kube khona ukuphikisana, nomhawu, nokuthukuthela, nemibango, nenhlebo, nokuceba, nokukhukhumala, neziyaluyalu, 21funa kuthi ekufikeni kwami futhi uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abakade bonile, bengaphendukanga kukho ukungcola nobufebe namanyala abakwenzileyo.

Currently Selected:

2 kwabaseKorinte 12: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy