YouVersion Logo
Search Icon

1 uSamuweli 8

8
Amadodana kaSamuweli
1Kwathi uSamuweli esemdala, wabeka amadodana akhe abe ngabahluleli phezu kuka-Israyeli. 2 Igama lendodana yakhe eyizibulo lalinguJoweli; igama leyesibili lalingu-Abiya; babe ngabahluleli eBeri Sheba. 3 Amadodana akhe ayengahambi ngezindlela zakhe, kepha aphambukela inzuzo embi, athengwa ngemivuzo, aphendukezela izahlulelo.
Abakwa-Israyeli bafuna inkosi
4 Kwabuthana onke amalunga akwa-Israyeli, aya kuSamuweli eRama; 5 athi kuye: “Bheka, usumdala, amadodana akho awahambi ngezindlela zakho; sibekele inkosi ukuba isahlulele njengezizwe zonke.”
6 Kepha leyo nto yaba mbi emehlweni kaSamuweli, lapho bethi: “Siphe inkosi ukuba isahlulele.” USamuweli wayesekhuleka kuJehova. 7 UJehova wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labantu kukho konke abakushoyo kuwe, ngokuba akusuwe abakulahlileyo, kepha balahle mina, ukuze ngingabi yinkosi phezu kwabo. 8Njengemisebenzi yonke abayenzileyo, kusukela osukwini engabakhuphula ngalo eGibithe kuze kube namuhla, bangishiya bekhonza abanye onkulunkulu, benze njalo nakuwe. 9 Manje lalela izwi labo, ugamele nokugamela kubo kuphela, ubatshele amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwabo.”
10USamuweli wabatshela abantu abacela kuye inkosi onke amazwi kaJehova. 11 Wathi: “Nanka amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwenu: iyakuthatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo; 12iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamashumi ayisihlanu, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zokulwa nempahla yezinqola zayo. 13Iyakuthatha amadodakazi enu abe ngabathaki, nabapheki, nabaphekizinkwa. 14Iyakuthatha amasimu enu, nezivini zenu, neminqumo yenu emihle, ikunike izinceku zayo. 15Iyakuthatha okweshumi kwembewu yenu nokwesivini senu, ikunike izinduna zayo nezinceku zayo. 16Iyakuthatha izinceku zenu, nezincekukazi zenu, nezinsizwa zenu ezinhle, nezimbongolo zenu, izenze ukuba zisebenze imisebenzi yayo. 17Iyakuthatha okweshumi kwezimvu zenu, nibe yizinceku zayo. 18Niyakukhala ngalolo suku ngenxa yenkosi yenu, eniyakube nizikhethele yona; kepha uJehova akayikuniphendula ngalolo suku.”
19Kepha abantu bala ukulalela izwi likaSamuweli, bathi: “Hhayi, sifuna ukuba kube khona inkosi phezu kwethu, 20ukuze nathi sibe njengezizwe zonke, inkosi yethu isahlulele, iphume phambi kwethu, ilwe izimpi zethu.”
21USamuweli wezwa onke amazwi abantu, wawalanda ezindlebeni zikaJehova. 22UJehova wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labo, ubanike inkosi.”
USamuweli wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Hambani niye, kube yilowo nalowo emzini wakini.”

Currently Selected:

1 uSamuweli 8: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy