YouVersion Logo
Search Icon

1 AmaKhosi 4

4
Izinduna nezinceku zikaSolomoni
1Inkosi uSolomoni yabusa u-Israyeli wonke. 2Yilezi izikhulu eyayinazo:
u-Azariya indodana kaSadoki wayengumpristi;
3o-Elihorefi no-Ahiya amadodana kaShisha babe ngababhali,
noJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana;
4 uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwempi;
oSadoki no-Abiyathara babe ngabapristi;
5u-Azariya indodana kaNathani wayephezu kwezinduna;
uZabudi indodana kaNathani wayengumpristi nomngane wenkosi;
6 u-Ahishari wayephezu kwabendlu;
u-Adoniramu indodana ka-Abida wayephethe ezemali.
7USolomoni wayenezinduna eziyishumi nambili phezu kwabo bonke abakwa-Israyeli ezazifunela inkosi nabendlu yayo ukudla; yileyo naleyo yayifuna ukudla inyanga inye ngomnyaka. 8Nanka amagama azo:
oBeni-Huri ezintabeni zakwa-Efrayimi,
9noBeni-Dekeri eMakhasi,
naseShahalabimi, naseBeti Shemeshi,
nase-Eloni Beti Hanani,
10noBeni Hesedi e-Aruboti,
okwakungelakhe iSoko nalo lonke izwe laseHeferi,
11noBeni Abinadaba kulo lonke iNafati Dori; uThafati indodakazi kaSolomoni wayengumkakhe;
12uBahana indodana ka-Ahiludi eThahanaki, naseMegido, nakulo lonke iBeti Sheyani elingaseceleni kweSaretani, ngenzansi kwaseJizreyeli, kusukela eBeti Sheyani kuze kube se-Abela Mehola nangaphesheya kweJokimeyamu,
13noBeni Geberi eRamoti Gileyadi,
okwakungeyakhe imizi kaJayire indodana kaManase ekwaGileyadi,
nezwe lase-Arigobi eliseBashani, imizi engamashumi ayisithupha enezingange nemigoqo yethusi,
14no-Ahinadaba indodana ka-Ido eMahanayimi,
15no-Ahimahasi kwaNafetali, yena owathatha uBasemati indodakazi kaSolomoni abe ngumkakhe,
16noBahana indodana kaHushayi kwa-Asheri nase-Aloti,
17noJehoshafati indodana kaPharuwa kwa-Isakare,
18noShimeyi indodana ka-Ela kwaBenjamini,
19noGeberi indodana ka-Uri ezweni lakwaGileyadi, izwe likaSihoni inkosi yama-Amori no-Ogi inkosi yaseBashani, ngokuba kwakuyinduna eyodwa kulelo zwe.
20 OJuda no-Israyeli babe baningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula.
21 USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni* kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.
22Ukudla kukaSolomoni ngosuku olulodwa kwakungamakhora* angamashumi amathathu empuphu ecolekileyo, namakhora angamashumi ayisithupha empuphu, 23nezinkabi eziyishumi ezikhuluphalisiweyo, nezinkabi ezingamashumi amabili zasemadlelweni, nezimvu eziyikhulu ngaphandle kwezindluzele, namanxala, nezinsephe, nezinkuku ezikhuluphalisiweyo. 24Wabusa ezweni lonke ngaphesheya koMfula* kusukela eThifisa kuze kube seGaza phezu kwawo onke amakhosi ngaphesheya koMfula; wayenokuthula nxazonke zakhe. 25 OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.
26 USolomoni wayenezipani* eziyizinkulungwane ezingamashumi amane zamahhashi ezinqola zakhe nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili.
27Izinduna lezo zafunela ukudla inkosi uSolomoni nabo bonke abasondela etafuleni lenkosi uSolomoni, kwaba yileyo naleyo ngenyanga yayo; kwakungasweleki lutho. 28Nebhali,* nefoliji* lamahhashi, namahhashi anejubane zakuletha endaweni lapho zikhona, kwaba yileyo naleyo njengokunqunyelwe yona.
Ukuhlakanipha kukaSolomoni
29UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nengqondo ebanzi kakhulu, nenhliziyo enkulu ngangesihlabathi esisogwini lolwandle. 30Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwadlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibithe. 31 Ngokuba wayehlakaniphile kunabo bonke abantu: kuno-Ethani umEzra, noHemani, noKalikoli, noDarda amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke nxazonke. 32Waqamba izaga eziyizinkulungwane ezintathu; amaculo akhe ayeyinkulungwane nanhlanu. 33Wakhuluma ngemithi kusukela kuwo umsedari* oseLebanoni kuze kube kulo ihisopi* elimila odongeni; wakhuluma nangezinkomo, nangezinyoni, nangezilwanyana ezinwabuzelayo, nangezinhlanzi. 34 Kwafika abantu basezizweni zonke ukuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni bevela emakhosini onke abezwile ukuhlakanipha kwakhe.

Currently Selected:

1 AmaKhosi 4: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy