YouVersion Logo
Search Icon

1 AmaKhosi 1

1
Ukuguga kukaDavide
1Inkosi uDavide yayisindala, ineminyaka eminingi; bayembesa ngezingubo, kepha ayifudumalanga. 2Zase zithi kuyo izinceku zayo: “Inkosi yami, inkosi, mayifunelwe intombi esentsha ukuba ime phambi kwenkosi, iyiphathe, ilale ngasesifubeni sayo ukuba inkosi yami, inkosi, ifudumale.”
3Base befuna intombi enhle phakathi kwemikhawulo yonke yakwa-Israyeli, bathola u-Abishagi waseShunemi, bamletha enkosini. 4Intombi yayiyinhle kakhulu, yayiphatha inkosi, yayikhonza, kepha inkosi ayiyazanga.
5 U-Adoniya indodana kaHagiti waziphakamisa, wathi: “Mina ngiyakuba yinkosi.” Wazilungiselela izinqola, nabamahhashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukugijima phambi kwakhe. 6 Uyise wayengamdabukisanga nakanye ngokuthi: “Wenzeleni lokhu na?” Futhi wayebukeka emuhle kakhulu, wayelama u-Abisalomu.
7 Wacebisana noJowabe indodana kaSeruya no-Abiyathara umpristi; bamsiza u-Adoniya, bamlandela. 8 Kepha uSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, noNathani umprofethi, noShimeyi, noReyi, namaqhawe kaDavide abamlandelanga u-Adoniya.
9 U-Adoniya wahlaba izimvu, nezinkabi, namathole akhuluphalisiweyo ngasetsheni laseZoheleti eliseceleni kwe-Eni Rogeli; wamema bonke abafowabo, amadodana enkosi, nabantu bonke bakwaJuda, izinceku zenkosi; 10kepha uNathani umprofethi, noBenaya, namaqhawe, noSolomoni umfowabo, kabamemanga.
11UNathani wathi kuBati Sheba unina kaSolomoni: “Awuzwanga yini ukuthi u-Adoniya indodana kaHagiti uyabusa, uDavide inkosi yethu engakwazi, na? 12Ngalokho woza ngikululeke ukuba usindise ukuphila kwakho nokuphila kwendodana yakho uSolomoni. 13Hamba ungene enkosini uDavide, uthi kuyo: ‘Wena nkosi yami, nkosi, awufunganga yini kuyo incekukazi yakho ngokuthi: “USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi,” na? Pho, kungani ukuba kubuse u-Adoniya na?’ 14Bheka, usakhuluma lapho nenkosi, nami ngiyakungena emva kwakho, ngiqinise amazwi akho.”
15UBati Sheba wayesengena enkosini ekamelweni; inkosi yayisindala; u-Abishagi waseShunemi wayikhonza inkosi. 16UBati Sheba wakhothama, wakhuleka enkosini. Yathi inkosi: “Ubabeleni na?”
17Wathi kuyo: “Nkosi yami, wafunga uJehova uNkulunkulu wakho kuyo incekukazi yakho ngokuthi: ‘Ngempela uSolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi.’ 18Bheka, manje kubusa u-Adoniya; wena nkosi yami, nkosi, awukwazi; 19usehlabile izinkabi, namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi, umemile onke amadodana enkosi, no-Abiyathara umpristi, noJowabe induna yempi; kepha uSolomoni inceku yakho kammemanga. 20Wena nkosi yami, nkosi, amehlo abo bonke abakwa-Israyeli akuwe ukuba ubatshele ukuthi ngubani ozakuhlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami, inkosi, emva kwayo, 21funa, lapho inkosi yami, inkosi, isilele koyise, mina nendodana yami uSolomoni kuthiwe sinecala.”
22Bheka, esakhuluma nenkosi, wangena uNathani umprofethi. 23Bayitshela inkosi, bathi: “Bheka, nangu uNathani umprofethi.” Lapho esengene enkosini wakhothama phambi kwenkosi, ubuso bakhe bubheke phansi.
24UNathani wathi: “Nkosi yami, nkosi, wena ushilo yini ukuthi: ‘U-Adoniya uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi,’ na? 25Ngokuba wehlile namuhla; uhlabile izinkabi, namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi, umemile onke amadodana enkosi, nezinduna zempi, no-Abiyathara umpristi; bheka, bayadla, bephuza phambi kwakhe, bathi: ‘Mana njalo, nkosi Adoniya.’ 26Kodwa mina, mina nceku yakho, noSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, nenceku yakho uSolomoni, kasimemanga. 27Le nto yenziwe yini yinkosi yami, inkosi, ungazazisanga izinceku zakho ukuthi ngubani oyakuhlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami, inkosi, emva kwayo, na?”
Ukubekwa kukaSolomoni abe yinkosi
28Yayisiphendula inkosi uDavide, yathi: “Ngibizele uBati Sheba.” Wafika ebusweni benkosi, wema phambi kwenkosi.
29 Inkosi yayisifunga ngokuthi: “Kuphila kukaJehova ohlengile umphefumulo wami ekuhluphekeni kwami konke, 30njengalokho ngafunga kuwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ngathi: USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi esikhundleni sami, ngiyakwenze njalo impela namuhla.”
31Wayesekhothama uBati Sheba, ubuso bakhe bubheke phansi, wakhuluma enkosini, wathi: “Mana njalo, nkosi yami, nkosi Davide.”
32Inkosi uDavide yayisithi: “Ngibizele uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada.” Bafika phambi kwenkosi. 33 Inkosi yathi kubo: “Thathani izinceku zenkosi yenu, nimkhwelise uSolomoni indodana yami kuwo umnyuzi* wami, nimehlisele eGihoni, 34uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobe khona abe yinkosi phezu kuka-Israyeli; bese nibetha amacilongo, nithi: ‘Mana njalo, nkosi Solomoni.’ 35Bese nenyuka emva kwakhe, afike ahlale esihlalweni sami sobukhosi, ngokuba uyakuba yinkosi esikhundleni sami; ngimbekile ukuba abe ngumbusi phezu kuka-Israyeli noJuda.”
36UBenaya indodana kaJehoyada wayiphendula inkosi, wathi: “Amen; uJehova uNkulunkulu wenkosi yami, inkosi, makasho njalo naye. 37Njengalokho uJehova waba nenkosi yami, inkosi, makabe naye uSolomoni, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sobukhosi senkosi yami, inkosi uDavide.”
38 Base behla uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa uSolomoni kuwo umnyuzi* wenkosi uDavide, bamyisa eGihoni. 39 USadoki umpristi wathatha uphondo lwamafutha etendeni, wamgcoba uSolomoni. Babetha amacilongo, bonke abantu bathi: “Mana njalo, nkosi Solomoni.” 40Bonke abantu benyuka emva kwakhe, abantu babetha imitshingo. Bathokoza ngokuthokoza okukhulu, kwaze kwangathi kuqhekezeka umhlaba ngomsindo wabo.
41U-Adoniya nabo bonke abamenyiweyo ababe naye bawuzwa sebeqedile ukudla. UJowabe esezwa ukukhala kwecilongo wathi: “Ngowani lo msindo wokuxokozela emzini na?”
42Esakhuluma, bheka, kwafika uJonathani indodana ka-Abiyathara umpristi; u-Adoniya wathi: “Ngena, ngokuba wena uyindoda enamandla; uze nodaba oluhle.”
43UJonathani waphendula, wathi ku-Adoniya: “Qha, inkosi yethu, inkosi uDavide, imbekile uSolomoni inkosi; 44inkosi ithumile naye uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa kuwo umnyuzi* wenkosi; 45uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobile eGihoni abe yinkosi; sebenyukile khona bejabula, ngangokuba kwakhamuluka umuzi. Yiwo umsindo eniwuzwile. 46Futhi uSolomoni usehlezi esihlalweni sobukhosi sombuso. 47Nezinceku zenkosi zafika ukuyibusisa inkosi yethu, inkosi uDavide, ngokuthi: ‘UNkulunkulu wakho makenze igama likaSolomoni libe lihle kunegama lakho, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sakho sobukhosi; inkosi yakhothama embhedeni wayo.’ 48Futhi yasho kanje inkosi, yathi: ‘Makabusiswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli omisile namuhla oyakuhlala esihlalweni sami sobukhosi, ekubona amehlo ami.’ ”
49Abamenyiweyo bonke baka-Adoniya besaba, basuka, bahamba bonke, kwaba yilowo nalowo ngendlela yakhe. 50 U-Adoniya wesaba ngenxa kaSolomoni; wasuka wahamba, wabamba izimpondo ze-altare. 51Kwabikwa kuSolomoni ukuthi: “Bheka, u-Adoniya uyayesaba inkosi uSolomoni; ngalokho ubambile izimpondo ze-altare, ethi: ‘Inkosi uSolomoni mayifunge kimi namuhla ukuthi ayiyikubulala inceku yayo ngenkemba.’ ”
52 Wathi uSolomoni: “Uma eyakuba yindoda enamandla, akuyikuwela emhlabathini nolulodwa unwele lwakhe, kepha uma okubi kufumaniseka kuye, uyakufa.” 53Yayisithumela inkosi uSolomoni, bamehlisa e-altare. Wafika, wakhuleka enkosini uSolomoni; uSolomoni wathi kuye: “Hamba, uye endlini yakho.”

Currently Selected:

1 AmaKhosi 1: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy