YouVersion Logo
Search Icon

1 kwabaseKorinte 7

7
Iziluleko nemithetho yokugana
1Maqondana nalokho enaloba ngakho, kuhle kumuntu ukuba angamthinti owesifazane. 2 Kepha ngenxa yobufebe akube yilowo nalowo abe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda. 3 Indoda ayinike umfazi okumfaneleyo; nomfazi enze njalo endodeni. 4Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, kodwa yindoda enawo; kanjalo nayo indoda ayinamandla phezu kowayo umzimba, kodwa ngumfazi onawo. 5Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhathi ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu. 6Lokho ngikusho ngemvume, angikusho ngomyalo. 7 Nokho ngingathanda ukuba abantu bonke babe njengami; kepha yilowo nalowo unesakhe isiphiwo somusa esivela kuNkulunkulu, omunye kanje, omunye kanje.
8Kepha ngithi kwabangaganiwe nakubafelokazi: Kuhle kubona, uma behlala benjengami. 9 Kepha uma bengenakuzibamba, mabaganane, ngokuba kuhle ukuganana kunokusha.
10 Kepha abaganeneyo ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi kangahlukani nendoda; 11– kepha uma eke wahlukana nayo, kahlale engaganile, kumbe abuyisane nendoda yakhe – nendoda ingamlahli umkayo.
12Kepha kwabanye kusho mina, akusho iNkosi, ukuthi uma umzalwane enomfazi ongakholwayo, yena-ke evuma ukuhlala naye, angamlahli; 13nomfazi, uma enendoda engakholwayo, yona-ke ivuma ukuhlala naye, angayishiyi indoda. 14Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngomzalwane. Uma kungenjalo, abantwana benu ngabe bangcolile; kepha kalokhu bangcwele.
15 Kepha uma ongakholwayo ehlukana nomkakhe, makahlukane naye; umzalwane noma umzalwanekazi kaboshiwe kokunjalo. Kepha uNkulunkulu unibizile nibe nokuthula. 16 Ngokuba wena mfazi, wazi ngani ukuthi ungeyisindise indoda yakho? Nawe ndoda, wazi ngani ukuthi ungemsindise umkakho na?
17Kuphela nje ukuba yilowo nalowo ahambe njengokuba iNkosi imabele, kube yilowo njengokuba uNkulunkulu embizile. Ngiyala kanjalo emabandleni onke. 18Ukhona obizwe esokile na? Kangabi njengongasokile. Ukhona obizwe engasokile na? Kangasoki. 19 Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, kuphela ukugcina imiyalo kaNkulunkulu. 20Akube yilowo nalowo ahlale kulokho kubizwa abizwe ekukho. 21 Ubizwe uyisigqila na? Ungakhathazeki ngalokho. Kepha uma kwenzeka ukuba ukhululwe, kukhethe lokho. 22 Ngokuba owabizelwa eNkosini eyisigqila ungokhululekile weNkosi; ngokunjalo nowabizwa ekhululekile uyisigqila sikaKristu. 23 Nithengiwe ngenani elikhulu; ningabi yizigqila zabantu. 24Bazalwane, akube yilowo nalowo ahlale noNkulunkulu kulokho abizwe ekukho.
25Kepha maqondana nezintombi anginamyalo weNkosi, kepha nginitshela ukubona kwami njengothembekileyo ngokuhawukelwa yiNkosi. 26 Ngakho-ke ngithi kuhle lokhu ngenxa yokubandezeka okukhona ukuba umuntu abe njengalokhu enjalo. 27Uboshelwe kumfazi na? Ungafuni ukukhululeka. Ukhululekile kumfazi na? Ungamfuni umfazi. 28 Kepha-ke uma uganwa, kawoni; nentombi uma igana, kayoni; kepha abanjalo bayakuba nosizi enyameni; kepha mina benginiphephisa.
29 Ngisho lokhu kodwa, bazalwane, ukuthi isikhathi sesinciphile; ngakho emva kwalokhu abanabafazi mababe njengabangenabo, nabakhalayo babe njengabangakhaliyo, 30nabathokozayo babe njengabangathokoziyo, nabathengayo babe njengabangenanto, 31 nabasebenzisa leli zwe babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyadlula.
32Kepha ngifuna ukuba ningabi nakukhathazeka. Ongaganiwe ukhathalela okweNkosi ukuba angayithokozisa kanjani iNkosi. 33 Kepha oganiweyo ukhathalela okwezwe ukuba angathokozisa kanjani umkakhe, 34wahlukene phakathi. Nongaganile oyintombi ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni; kepha oganileyo ukhathalela okwezwe ukuba angayithokozisa kanjani indoda yakhe. 35Ngisho lokhu ukuba kube lusizo kinina; akusikho ukuba nginigaxe ngentambo kepha ukuba nihambe ngokufaneleyo, nibambelele eNkosini ngokungaphazameki.
36Kepha uma umuntu ethi wenza okungafanele ngakuyo indodakazi yakhe, uma isikhulile ngeminyaka, akenze akubonayo, uma kumelwe ukuba kwenziwe kanjalo; akoni; mabaganane. 37Kepha omiyo eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa lutho, angenza akubonayo; uma esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uzakugcina indodakazi yakhe iyintombi, wenza kahle. 38Kanjalo nowendisa indodakazi yakhe, wenza kahle; kepha ongayendisiyo wenza kahle kakhulu.
39 Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokubona kwakhe, kuphela ukuba kube seNkosini. 40Kepha unenhlanhla ngokubona kwami, uma ehlala njengalokhu enjalo; ngithi nami nginoMoya kaNkulunkulu.

Currently Selected:

1 kwabaseKorinte 7: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy