YouVersion Logo
Search Icon

1 kwabaseKorinte 5

5
Ubufebe babaseKorinte. Ukuphathwa kwezoni
1 Kuyezwakala ngempela ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu, futhi ubufebe bohlobo olungekho ngisho nakwabezizwe, okungukuthi omunye kini uya kumkayise. 2Kepha nina nikhukhumele kunokuba nga nilila, ukuze akhishwe phakathi kwenu owenze leso senzo. 3 Ngokuba mina ngokwami, noma ngingekho ngomzimba, nokho ngikhona ngomoya, senginqumile ngokungathi ngikhona ngalowo muntu owenze okunjalo ukuba 4 egameni leNkosi uJesu nihlangane nina nomoya wami kanye namandla eNkosi yethu uJesu, 5 onjalo anikelwe kuSathane kukho ukubhubha kwenyama, ukuze umoya usindiswe ngosuku lweNkosi uJesu.
6 Akukuhle ukuzibonga kwenu. Anazi yini ukuthi imvubelo encane ibilisa inhlama yonke na? 7 Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba nelethu iphasika lihlatshiwe, elinguKristu. 8 Njalo-ke masigubhe umkhosi, kungabi ngemvubelo endala, kungabi ngemvubelo yokushinga neyobubi, kodwa kube ngesinkwa esingenamvubelo sobuqotho neseqiniso.
9 Nganilobela encwadini yami ukuba ningahlangani nezifebe; 10angisho izifebe zalo mhlaba, nokuba abahahayo nabaphangi, nokuba abakhonza izithombe, ngokuba phela ngabe nimelwe ukuphuma ezweni; 11 kepha manje nganilobela ukuba ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo.
12Ngokuba nginandabani nokwahlulela abangaphandle na? Nani anahluleli abangaphakathi na? 13 Kepha uNkulunkulu uyakwahlulela abangaphandle. Xoshani omubi phakathi kwenu.

Currently Selected:

1 kwabaseKorinte 5: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy