YouVersion Logo
Search Icon

1 kwabaseKorinte 12

12
Iziphiwo zikaMoya ezahlukeneyo nokuphathwa kwazo
1 Kepha maqondana neziphiwo zokomoya angithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi. 2 Niyazi ukuthi nisengabezizwe naholekela kuzo izithombe eziyizimungulu, nakuba naholwa kanjalo. 3 Ngakho ngiyanazisa ukuthi: Akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Kathukwe uJesu;” futhi akukho muntu ongathi: “UJesu uyiNkosi,” kuphela ngaye uMoya oNgcwele.
4 Kepha kukhona iziphiwo zomusa ezahlukeneyo, kepha nguye lowo Moya. 5Kukhona izinkonzo ezahlukeneyo, kepha yiyo leyo Nkosi. 6Kukhona imisebenzi yamandla eyahlukeneyo, kepha nguye lowo Nkulunkulu osebenza konke kubo bonke.
7Kepha yilowo nalowo uphiwa okubonakalisa uMoya kube ngokokusiza. 8 Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, kepha omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya, 9 omunye ukukholwa kuye lowo Moya, omunye iziphiwo zokuphulukisa kuye uMoya munye, 10 omunye ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuprofetha, omunye ukwahlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi. 11 Kepha konke lokho kusetshenzwa nguyena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokwakhe njengokuthanda kwakhe.
12 Ngokuba njengomzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zomzimba, nokuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo-ke noKristu. 13 Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.
14Ngokuba umzimba awusiso isitho sinye kodwa eziningi. 15Uma unyawo luthi: “Lokhu ngingesiso isandla, angisikho okomzimba,” nokho luyikho okomzimba. 16Noma indlebe ithi: “Lokhu ngingesilo iso, angisikho okomzimba,” nokho iyikho okomzimba. 17Uma umzimba wonke ubuyiso, ukuzwa ngabe kuphi na? Uma wonke ubungukuzwa, ukunuka ngabe kuphi na? 18Kepha kalokhu uNkulunkulu umisile izitho zonke, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe. 19Uma kambe zonke ziyisitho sinye, umzimba ngabe uphi na? 20Kepha kalokhu izitho ziningi, kodwa umzimba munye.
21Iso alinakusho esandleni ukuthi: “Angikudingi;” nekhanda futhi alinakusho ezinyaweni ukuthi: “Anginidingi.” 22Kanti ngempela lezo zitho zomzimba ezingathi zibuthakathaka kunezinye ziyadingeka; 23nalezo zitho zomzimba ezingathi zidelelekile kunezinye, yizona esizazisa kakhulu; nalezo esinamahloni ngazo zihlonipheka kakhulu. 24Kanti lezo ezinesimo esihle azikudingi lokho. Kepha uNkulunkulu wawuhlanganisa umzimba, enika esidelelekileyo udumo olukhulu kakhulu, 25ukuze kungabikho ukwahlukana emzimbeni, kepha izitho zonke zinakekelane ngokufanayo. 26Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; uma kudunyiswa isitho sinye, kujabula izitho zonke kanye naso.
27 Kepha nina ningumzimba kaKristu nezitho ngabanye. 28 UNkulunkulu umisile abathile ebandleni, kuqala abaphostoli, okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yimisebenzi yamandla, bese kuba yiziphiwo zomusa zokuphulukisa, nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi. 29Bonke bangabaphostoli na? Bonke bangabaprofethi na? Bonke bangabafundisi na? Bonke bangabenza imisebenzi yamandla na? 30Bonke baneziphiwo zomusa zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na? Bonke bayahumusha na? 31 Kepha zondelelani iziphiwo ezinkulu.
Kanti senginikhombisa indlela eyona iyinhle kakhulu.

Currently Selected:

1 kwabaseKorinte 12: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy