YouVersion Logo
Search Icon

1 iziKronike 6

6
Isizwe sakwaLevi nemizi yaso
1 Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari. 2Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli. 3 Abantwana bakwa-Amramu: ngo-Aroni, noMose, noMiriyamu. Amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari. 4U-Eleyazare wazala uFinehasi; uFinehasi wazala u-Abishuwa; 5u-Abishuwa wazala uBuki; uBuki wazala u-Uzi; 6u-Uzi wazala uZeraya; uZeraya wazala uMerayoti; 7uMerayoti wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi; 8 u-Ahithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala u-Ahimahasi; 9u-Ahimahasi wazala u-Azariya; u-Azariya wazala uJohanani; 10uJohanani wazala u-Azariya; nguye owayengumpristi ethempelini elakhiwa nguSolomoni eJerusalema; 11u-Azariya wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi; 12u-Ahithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala uShalumi; 13 uShalumi wazala uHilikiya; uHilikiya wazala u-Azariya; 14u-Azariya wazala uSeraya; uSeraya wazala uJehosadaki; 15 kepha uJehosadaki wamuka lapho uJehova ethumba uJuda neJerusalema ngesandla sikaNebukadinesari.
16 Amadodana kaLevi: ngoGereshomu, noKohati, noMerari. 17Nanka amagama amadodana kaGereshomu: oLibini noShimeyi. 18Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli. 19Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi. Nansi imindeni yamaLevi njengezindlu zawoyise: 20abakwaGereshomu: nguLibini indodana yakhe, noJahati indodana yakhe, noZima indodana yakhe, 21noJowa indodana yakhe, no-Ido indodana yakhe, noZera indodana yakhe, noJewatherayi indodana yakhe. 22Amadodana kaKohati: ngu-Amindaba indodana yakhe, noKora indodana yakhe, no-Asiri indodana yakhe, 23no-Elkana indodana yakhe, no-Ebiyasafa indodana yakhe, no-Asiri indodana yakhe, 24noTathi indodana yakhe, no-Uriyeli indodana yakhe, no-Uziya indodana yakhe, noShawule indodana yakhe.
25Amadodana ka-Elkana: ngo-Amasayi no-Ahimoti. 26U-Elkana-ke, amadodana ka-Elkana: nguSofayi indodana yakhe, noNahati indodana yakhe, 27 no-Eliyabe indodana yakhe, noJerohamu indodana yakhe, no-Elkana indodana yakhe. 28 Amadodana kaSamuweli: izibulo nguJoweli, nowesibili ngu-Abiya. 29Amadodana kaMerari: ngoMaheli, noLibini indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe, no-Uza indodana yakhe, 30noShimeya indodana yakhe, noHagiya indodana yakhe, no-Asaya indodana yakhe.
31Nampa uDavide abamisela ukuhola ukuhlabelela endlini kaJehova, umphongolo usubekiwe khona. 32Bakhonza ngokuhlabelela phambi kwetabernakele* letende lokuhlangana, uSolomoni waze wakha indlu kaJehova eJerusalema. Bema emsebenzini wabo njengomthetho wabo.
33Yilaba ababemi namadodana abo: kumadodana amaKohati: nguHemani, umhlabeleli, kaJoweli kaSamuweli 34ka-Elkana kaJerohamu ka-Eliyeli kaThowa 35kaSufi ka-Elkana kaMahati ka-Amasayi 36ka-Elkana kaJoweli ka-Azariya kaZefaniya 37kaThati ka-Asiri ka-Ebiyasafa kaKora 38kaJisihari kaKohati kaLevi ka-Israyeli; 39futhi umfowabo u-Asafa owayemi ngakwesokunene sakhe, u-Asafa kaBerekiya kaShimeya 40kaMikayeli kaBahaseya kaNalikhiya 41ka-Ethini kaZera ka-Adaya 42ka-Ethani kaZima kaShimeyi 43kaJahati kaGereshomu kaLevi. 44Amadodana kaMerari abafowabo ayengakwesokunene: ngu-Ethani kaKishi ka-Abidi kaMaluki 45kaHashabiya ka-Amasiya kaHilikiya 46ka-Amisi kaBani kaShemeri 47kaMaheli kaMushi kaMerari kaLevi.
48Abafowabo amaLevi banikelelwa yonke inkonzo yetabernakele* lendlu kaNkulunkulu. 49 Kepha u-Aroni namadodana akhe bashiya iminikelo e-altare leminikelo yokushiswa nase-altare lempepho, benza nawo wonke umsebenzi wendawo engcwelengcwele, benzela u-Israyeli ukubuyisana njengakho konke ayale ngakho uMose inceku kaNkulunkulu.
50Nanka amadodana ka-Aroni: u-Eleyazare indodana yakhe, noFinehasi indodana yakhe, no-Abishuwa indodana yakhe, 51noBuki indodana yakhe, no-Uzi indodana yakhe, noZeraya indodana yakhe, 52noMerayoti indodana yakhe, no-Amariya indodana yakhe, no-Ahithubi indodana yakhe, 53noSadoki indodana yakhe, no-Ahimahasi indodana yakhe.
54 Lezi ziyizindawo zawo zokuhlala njengamakamu* awo emikhawulweni yawo: amadodana ka-Aroni emindeni yamaKohati ngokuba yiwona adliwa yinkatho yokuqala 55wona bawanika iHebroni ezweni lakwaJuda namadlelo alizungezayo. 56Kodwa amasimu omuzi nemizana yawo bakunika uKalebi, indodana kaJefune. 57 Banika amadodana ka-Aroni imizi yokuphephela, iHebroni neLibina namadlelo awo, neJatiri, ne-Eshitemowa namadlelo awo, 58neHileni namadlelo alo, neDebiri namadlelo alo, 59ne-Ashani namadlelo alo, neBetiShemeshi namadlelo alo, 60nasesizweni sakwaBenjamini, iGeba namadlelo alo, ne-Alemeti namadlelo alo, ne-Anathoti namadlelo alo. Yonke imizi yawo ngemindeni yawo yayiyimizi eyishumi nantathu.
61Amadodana aseleyo kaKohati anikwa ngenkatho emndenini wesizwe, enxenyeni yesizwe, inxenye kaManase, imizi eyishumi, 62namadodana kaGereshomu ngemindeni yawo esizweni sakwa-Isakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nasesizweni sakwaManase, eBashani, imizi eyishumi nantathu, 63namadodana kaMerari ngenkatho ngemindeni yawo esizweni sakwaRubeni, nasesizweni sakwaGadi, nasesizweni sakwaZebuloni imizi eyishumi nambili.
64Abantwana bakwa-Israyeli banika amaLevi leyo mizi namadlelo ayo. 65Banika ngenkatho leyo mizi ebizwe ngamagama esizweni sabantwana bakwaJuda, nasesizweni sabantwana bakwaSimeyoni, nasesizweni sabantwana bakwaBenjamini.
66 Eminye imindeni yamadodana kaKohati yayinemizi yemikhawulo yayo esizweni sakwa-Efrayimi. 67Bayinika imizi yokuphephela: iShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi namadlelo alo, neGezeri namadlelo alo, 68neJokimeyamu namadlelo alo, neBeti Horoni namadlelo alo, 69ne-Ajaloni namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo, 70nasenxenyeni yesizwe sakwaManase i-Anere namadlelo alo, neBileyamu namadlelo alo, ibe ngeyomndeni oseleyo wamadodana kaKohati.
71 Amadodana kaGereshomu anikwa emndenini wenxenye yesizwe sakwaManase iGolanu, eBashani, namadlelo alo ne-Ashitaroti namadlelo alo; 72nasesizweni sakwa-Isakare iKedeshi namadlelo alo, neDaberati namadlelo alo, 73neRamoti namadlelo alo, ne-Anemi namadlelo alo; 74nasesizweni sakwa-Asheri iMashali namadlelo alo, ne-Abidoni namadlelo alo, 75neHukoki namadlelo alo, neRehobe namadlelo alo; 76nasesizweni sakwaNafetali iKedeshi eGalile namadlelo alo, neHamoni namadlelo alo, neKiriyatayimi namadlelo alo.
77 Aseleyo, amadodana kaMerari, anikwa esizweni sakwaZebuloni iRimono namadlelo alo neGhabori namadlelo alo, 78naphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga kwaseJordani esizweni sakwaRubeni iBeseri ehlane namadlelo alo, neJahasa namadlelo alo, 79neKedemoti namadlelo alo, neMefahati namadlelo alo; 80nasesizweni sakwaGadi iRamoti kwaGileyadi namadlelo alo, neMahanayimi namadlelo alo, 81neHeshiboni namadlelo alo, neJazeri namadlelo alo.

Currently Selected:

1 iziKronike 6: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy