YouVersion Logo
Search Icon

1 iziKronike 28

28
Inkulumo kaDavide ngethempeli
1UDavide wabutha zonke izikhulu zakwa-Israyeli, izikhulu zezizwe, nezinduna zezigaba ezazikhonza inkosi, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zayo yonke imfuyo yenkosi neyamadodana ayo, nezinduna zendlunkulu, namaqhawe, nawo onke amadoda anamandla eJerusalema.
2 UDavide inkosi wayesema ngezinyawo, wathi: “Ngizweni, bafowethu nabantu bakwethu: mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela umphongolo wesivumelwano sikaJehova indlu yokuphumula neyesenabelo sikaNkulunkulu wethu; ngangizilungiselele ukwakha. 3 Kepha wayesethi uNkulunkulu kimi: ‘Awuyikwakhela igama lami indlu, ngokuba uyindoda yempi, uchithile igazi.’
4 “Kodwa uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wangikhetha endlini yonke kababa ukuba ngibe yinkosi kwa-Israyeli kuze kube phakade; ngokuba ukhethile uJuda ukuba abe ngumbusi, nasendlini kaJuda indlu kababa, naphakathi kwamadodana kababa wangenamela mina ukuba angibeke inkosi kwa-Israyeli wonke, 5 nasemadodaneni ami onke, ngokuba uJehova ungiphe amadodana amaningi, ukhethe uSolomoni indodana yami ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaJehova kwa-Israyeli. 6 Wathi kimi: ‘USolomoni indodana yakho nguye oyakwakha indlu yami namagceke ami, ngokuba ngimkhethile ukuba abe yindodana yami, mina ngibe nguyise. 7Ngiyakuqinisa umbuso wakhe kuze kube phakade, uma eqinisela ukwenza imiyalo yami nezahlulelo zami njenganamuhla.’
8“Ngalokho emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, ibandla likaJehova, nasezindlebeni zikaNkulunkulu wethu funani nigcine yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu ukuba nidle leli zwe elihle, nilishiye libe yifa labantwana benu emva kwenu kuze kube phakade.
9 “Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade. 10Bheka manje, ngokuba uJehova ekukhethile ukwakha indlu ibe yindlu engcwele, qina, ukwenze.”
11UDavide wamnika uSolomoni indodana yakhe isifanekiso sompheme nesezindlu zethempeli, nesengcebo yalo, nesamakamelo alo aphezulu, nesamakamelo alo angaphakathi, nesendlu yesihlalo somusa; 12nesifanekiso sakho konke ayenakho emicabangweni yakhe ngamagceke endlu kaJehova, nangamakamelo nxazonke, nangengcebo yendlu kaNkulunkulu, nangengcebo yezinto ezingcwele; 13nangezigaba zabapristi nezamaLevi, nangawo wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, nangazo zonke izitsha zenkonzo endlini kaJehova; 14nangegolide isisindo segolide lezinto zonke zezinkonzo ngezinkonzo, nangezinto zonke zesiliva isisindo sazo, zonke izinto zezinkonzo ngezinkonzo; 15nangesisindo sezinti zezibani zegolide kanye nezibani zazo zegolide, nesisindo salolo nalolo luthi lwesibani kanye nezibani zalo, nangesezinti zesiliva isisindo sothi kanye nezibani zalo njengomsebenzi walolo nalolo luthi; 16nangesisindo segolide lamatafula ezinkwa zokubukwa, amatafula ngamatafula, nangesiliva lamatafula esiliva; 17nangezingwegwe zenyama, nangezinkamba, nangezitsha zegolide elicwengekileyo, nangezindebe zonke zegolide, isisindo saleso naleso sitsha; 18 nange-altare lempepho legolide elicwengekileyo isisindo salo, nesifanekiso senqola, namakherubi* egolide ayelula amaphiko awo, asibekela umphongolo wesivumelwano sikaJehova.
19“Konke lokho,” washo uDavide, “ngikuqondisiwe ngokubhalwe ngesandla sikaJehova, yebo, wonke umsebenzi walesi sifanekiso.”
20 Wayesethi uDavide kuSolomoni indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wami, unawe; akayikukuyeka, akayikukushiya uze uphele wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova. 21Nazi izigaba zabapristi nezamaLevi zazo zonke izinkonzo zendlu kaNkulunkulu; kuyakuba nawe emsebenzini wonke abantu abazinikela ngenhliziyo naba yizingcweti ezinkonzweni zonke; nezikhulu nabantu bonke bayakulalela konke okukhulumayo.”

Currently Selected:

1 iziKronike 28: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy