YouVersion Logo
Search Icon

1 iziKronike 10

10
Ukufa kukaSawule nokwamadodana akhe amathathu ekulweni namaFilisti
1 AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa. 2AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba, noMaliki Shuwa, amadodana kaSawule. 3Impi yaba nzima kuSawule; abacibishelayo bamfica; wakhathazeka ngenxa yabacibishelayo.
4USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike, bangone. Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo. 5Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile, lwawela nalo phezu kwenkemba, lwafa. 6Wafa-ke uSawule namadodana akhe amathathu; nendlu yakhe yonke yafa kanyekanye.
7Lapho bonke abantu bakwa-Israyeli ababe sesigodini bebona ukuthi babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.
8Kwathi ngangomuso, lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo, afumana uSawule namadodana akhe bewile entabeni yaseGilibowa. 9Amphanga, athatha ikhanda lakhe nezikhali zakhe, akuthuma ezweni lamaFilisti nxazonke ukukumemezela kuzo izithombe zawo nakubantu. 10Azibeka izikhali zakhe endlini yawonkulunkulu bawo, abethela ikhanda lakhe endlini kaDagoni.
11Selizwile iJabeshi Gileyadi konke amaFilisti ayekwenzile kuSawule, 12kwasuka onke amadoda anamandla, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe, aziletha eJabeshi, awembela amathambo abo phansi kwe-oki* eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.
13 Wafa kanjalo-ke uSawule ngesiphambeko sakhe aphambuka ngaso kuJehova ngenxa yezwi likaJehova angaligcinanga nangokuba kade eyile ukubhula konedlozi ukuba abuze kuye, 14engabuzanga kuJehova; ngalokho-ke wambulala, wabuyisela umbuso kuDavide indodana kaJese.

Currently Selected:

1 iziKronike 10: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy