1
IzAga 11:25
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa; ophuzisayo uyakuphuziswa naye.
Compare
Explore IzAga 11:25
2
IzAga 11:24
Ukhona ohlakazayo; nokho uyenezelwa kakhulu; kepha ogodla kunokufaneleyo ubangelwa ukuswela kuphela.
Explore IzAga 11:24
3
IzAga 11:2
Lapho kufika ukuziqhenya, kufika nehlazo; kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.
Explore IzAga 11:2
4
IzAga 11:14
Lapho kungekho iziluleko, abantu bayawa, kepha lapho kukhona abeluleki abaningi, lapho kukhona ukuphumelela.
Explore IzAga 11:14
5
IzAga 11:30
Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila, nohlakaniphileyo uyazuza imiphefumulo.
Explore IzAga 11:30
6
IzAga 11:13
Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo, kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.
Explore IzAga 11:13
7
IzAga 11:17
Umuntu onesihawu wenzela okuhle umphefumulo wakhe, kepha ononya uhlupha inyama yakhe.
Explore IzAga 11:17
8
IzAga 11:28
Owethemba ingcebo yakhe uyakuwa, kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.
Explore IzAga 11:28
9
IzAga 11:4
Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kepha ukulunga kophula ekufeni.
Explore IzAga 11:4
10
IzAga 11:3
Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola, kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.
Explore IzAga 11:3
11
IzAga 11:22
Njengendandatho yegolide empumulweni yengulube, unjalo owesifazane omuhle ongenangqondo.
Explore IzAga 11:22
12
IzAga 11:1
Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuJehova, kepha isisindo esiyiso siyintokozo yakhe.
Explore IzAga 11:1
Home
Bible
Plans
Videos