1
NgokukaMathewu 5:15-16
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
Compare
Explore NgokukaMathewu 5:15-16
2
NgokukaMathewu 5:14
“Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke.
Explore NgokukaMathewu 5:14
3
NgokukaMathewu 5:8
Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo, ngokuba bayakubona uNkulunkulu.
Explore NgokukaMathewu 5:8
4
NgokukaMathewu 5:6
Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.
Explore NgokukaMathewu 5:6
5
NgokukaMathewu 5:44
Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo
Explore NgokukaMathewu 5:44
6
NgokukaMathewu 5:3
“Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.
Explore NgokukaMathewu 5:3
7
NgokukaMathewu 5:9
Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.
Explore NgokukaMathewu 5:9
8
NgokukaMathewu 5:4
Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa.
Explore NgokukaMathewu 5:4
9
NgokukaMathewu 5:10
Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.
Explore NgokukaMathewu 5:10
10
NgokukaMathewu 5:7
Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.
Explore NgokukaMathewu 5:7
11
NgokukaMathewu 5:11-12
“Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.
Explore NgokukaMathewu 5:11-12
12
NgokukaMathewu 5:5
Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.
Explore NgokukaMathewu 5:5
13
NgokukaMathewu 5:13
“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu.
Explore NgokukaMathewu 5:13
14
NgokukaMathewu 5:48
Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.
Explore NgokukaMathewu 5:48
15
NgokukaMathewu 5:37
Kepha izwi lenu malibe ngokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi.
Explore NgokukaMathewu 5:37
16
NgokukaMathewu 5:38-39
“Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’ Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.
Explore NgokukaMathewu 5:38-39
17
NgokukaMathewu 5:29-30
Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. Noma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.
Explore NgokukaMathewu 5:29-30
YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy
Home
Bible
Plans
Videos