1
U-Isaya 54:17
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.
Compare
Explore U-Isaya 54:17
2
U-Isaya 54:10
Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa, kepha umusa wami awuyikumuka kuwe, nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,” usho uJehova okuhawukelayo.
Explore U-Isaya 54:10
3
U-Isaya 54:4
“Ungesabi, ngokuba awuyikujabha, ungabi namahloni, ngokuba awuyikujabhiswa, ngokuba uyakukhohlwa ihlazo lobusha bakho, ungabe usawakhumbula amahloni obufelokazi bakho.
Explore U-Isaya 54:4
4
U-Isaya 54:5
Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguJehova Sebawoti igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli unguMhlengi wakho, uyakubizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.
Explore U-Isaya 54:5
5
U-Isaya 54:2
“Yenza ibe banzi indawo yetende lakho; mabazelule izindwangu zamakhaya akho, ungazibambezeli, welule izintambo zakho, uziqinise izikhonkwane zakho.
Explore U-Isaya 54:2
6
U-Isaya 54:13
Bonke abantwana bakho bayakuba ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.
Explore U-Isaya 54:13
7
U-Isaya 54:8
Ngentukuthelo echichimayo ngabusitheza ubuso bami kuwe isikhashana, kepha ngomusa ongapheliyo ngiyakukuhawukela,” usho uJehova uMhlengi wakho.
Explore U-Isaya 54:8
8
U-Isaya 54:7
“Umzuzwana omncane ngakushiya, kepha ngobumnene obukhulu ngiyakukubutha.
Explore U-Isaya 54:7
9
U-Isaya 54:9
“Ngokuba lokhu kunjengezinsuku zikaNowa kimi, ngokuba njengalokho ngafunga ukuthi amanzi kaNowa awayikube esadlula emhlabeni, kanjalo sengifungile ukuthi angisayikukuthukuthelela, ngikusole.
Explore U-Isaya 54:9
10
U-Isaya 54:12
Ngiyakwenza imibhoshongo yakho ngamarubi,* namasango akho ngekristalo,* nayo yonke imikhawulo yakho ngamatshe amahle.
Explore U-Isaya 54:12
YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy
Home
Bible
Plans
Videos