1
2 kwabaseKorinte 1:3-4
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
ZUL59
Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.
Compare
Explore 2 kwabaseKorinte 1:3-4
2
2 kwabaseKorinte 1:5
Ngokuba njengalokho izinhlupheko zikaKristu zivamile kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuvamile ngoKristu.
Explore 2 kwabaseKorinte 1:5
3
2 kwabaseKorinte 1:9
Yebo, thina ngokwethu sasizizwele ukuthi sinqunyelwe ukufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembe uNkulunkulu ovusa abafileyo
Explore 2 kwabaseKorinte 1:9
4
2 kwabaseKorinte 1:21-22
Kepha osiqinisayo kanye nani kuKristu, nowasigcobayo, nguNkulunkulu, owasibeka nophawu nowasipha isibambiso esinguMoya ezinhliziyweni zethu.
Explore 2 kwabaseKorinte 1:21-22
5
2 kwabaseKorinte 1:6
Kepha noma sikhathazeka, kungenxa yokududuzwa nokusindiswa kwenu, noma siduduzeka, kungenxa yokududuzwa kwenu okusebenza ukukhuthazela ezinhluphekweni zona lezi esihlupheka ngazo nathi.
Explore 2 kwabaseKorinte 1:6
Home
Bible
Plans
Videos