UHoziya 2:14-20

UHoziya 2:14-20 ZUL20

“Ngakho-ke bhekani, ngiyakumyenga, ngimholele ehlane, ngikhulume enhliziyweni yakhe. Kulapho-ke ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi i-Akhori sibe ngumnyango wethemba. Uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe, nanjengosuku lokukhuphuka kwakhe eGibhithe. “Kuyakuthi ngalolo lusuku ungibize uthi: ‘Myeni wami,’ ungaphinde ungibize futhi ngokuthi: ‘Bhali wami,’ kusho uSimakade. “Ngiyakususa amagama oBhali emlonyeni wakhe, abasayukukhunjulwa ngamagama abo. Ngalolo lusuku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu, nokuhuquzelayo emhlabathini. Ngiyakunqamula umnsalo, inkemba nempi ezweni, ngibalalise phansi bephephile. Ngiyakuzithathela wena ube ngumkami kwaphakade, ngizithathele wena ngokulunga, ngobulungiswa, ngomusa nangesihawu. Ngiyakuzithathela wena ngokwethembeka, futhi uyakumazi uSimakade.

Funda UHoziya 2