UHoziya 2

2
Umfazi Ongathembekile
Ukumangalelwa KukaGomeri Nokwethwesa Icala
1“Bizani abafowenu ngokuthi: ‘u-Ami,’ nawodadewenu ngokuthi: ‘uRuhama.’
2“Phikisanani nonyoko,
nimmangalele,
ngokuba akayena umkami,
nami angiyona indoda yakhe.
Makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe,
nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,
3funa ngimhlubule abe nqunu,
ngimbhushuzelise njengosuku azalwa ngalo,
ngimenze afane nehlane,
abe njengezwe eligagadekile,
bese ngimbulala fi ngokoma.
4Angiyukubazwela abantwana bakhe,
ngokuba bangabantwana bobufebe.
5Unina wazifebela,
wabakhulelwa ngokwenza ihlazo,
ngokuba wathi ngizakuhamba
ngilandele izithandwa zami,
ezingipha isinkwa sami namanzi ami,
uboya bami bezimvu nefilakisi lami,
amafutha ami nokuphuzwayo kwami.
6Ngakho-ke bhekani,
ngizoyivala indlela yakho,
ngakhe ugange ngameva oluzomvimbela
nendlela yakhe angayitholi.
7Uyakulandela izithandwa zakhe,
kodwa akayukuzifica,
uyakuzifuna kepha akayukuzifumana,
bese ethi:
“Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala,
ngokuba kwakukuhle kimi
ngalezo zinsuku kunamanje.”
8Kepha ubengazi ukuthi yiMina
obemhlinzeka ngokusanhlamvu,
ngewayini elisha, ngesiliva,
ngamandisela negolide, abakusebenzisa kuBhali.
9“Ngakho-ke ngiyakubuya
ngithathe okwami okusanhlamvu ngesikhathi sakho
newayini lami elisha ngesikhathi salo,
ngithathe uboya bami bezimvu
nefilakisi lami lokwemboza ubunqunu bakhe.
10Manje-ke sengizokwembula ihlazo lakhe
zizibonela ngawazo amehlo izithandwa zakhe,
futhi akukho namunye
oyakumhlenga esandleni sami.
11Ngiyakuyiqeda nya yonke
imigubho yakhe yentokozo,
eyokwethwasa kwenyanga,
amasabatha akhe,
nawo wonke amadili akhe anqunyiweyo.
12Ngiyakucekela phansi imivini yakhe
nemikhiwane yakhe,
athe ngakho:
‘Kuyinkokhelo yami ezinginike yona
izithandwa zami;’
ngizokwenza kube yihlozi,
izilwane zasendle zikudle.
13Ngiyakumjezisela izinsuku zoBhali
lezo ayebashisela ngazo impepho,
ezihlobisa ngezindandatho zakhe
nangobucwebecwebe bakhe,
elandela izithandwa zakhe,
wangikhohlwa Mina,” kusho uSimakade.
Uthando LukaSimakade Ngabantu Bakhe
14“Ngakho-ke bhekani,
ngiyakumyenga, ngimholele ehlane,
ngikhulume enhliziyweni yakhe.
15Kulapho-ke ngiyakumnika izivini zakhe,
nesigodi i-Akhori
sibe ngumnyango wethemba.
Uyakuphendula lapho
njengasezinsukwini zobusha bakhe,
nanjengosuku lokukhuphuka kwakhe eGibhithe.
16“Kuyakuthi ngalolo lusuku ungibize uthi:
‘Myeni wami,’
ungaphinde ungibize futhi ngokuthi:
‘Bhali wami,’ kusho uSimakade.
17“Ngiyakususa amagama oBhali emlonyeni wakhe,
abasayukukhunjulwa ngamagama abo.
18Ngalolo lusuku ngiyakubenzela
isivumelwano nezilwane zasendle,
nezinyoni zezulu,
nokuhuquzelayo emhlabathini.
Ngiyakunqamula umnsalo,
inkemba nempi ezweni,
ngibalalise phansi bephephile.
19Ngiyakuzithathela wena
ube ngumkami kwaphakade,
ngizithathele wena ngokulunga,
ngobulungiswa, ngomusa nangesihawu.
20Ngiyakuzithathela wena ngokwethembeka,
futhi uyakumazi uSimakade.
21Kuyakuthi ngalolo lusuku ngiphendule,
ngiyakuphendula amazulu,
wona aphendule umhlaba,” kusho uSimakade.
22“Umhlaba uyakuphendula okusanhlamvu,
iwayini elisha namafutha amasha,
khona kuyakuphendula iJezreyeli.
23Ngiyakuzitshalela yena ezweni,
ngihawukele ongahawukelwanga,
ngithi kwabangesibo abantu bami:
‘Ningabantu bami,’
bona bayakuthi:
‘UnguNkulunkulu wethu.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

UHoziya 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo