Ngakho-ke bheka, ngizomyenga ngimyise ehlane ngikhulume kahle naye. Ngiyakumnika khona izivini zakhe nesigodi sase-Akori njengomnyango wethemba; iyohlabelela lapho njengasezinsukwini zobusha bayo nanjengasosukwini lokukhuphuka kwayo iphuma ezweni laseGibithe. “Ngalolo suku,” usho uJehova, “niyakungibiza ngokuthi, Ishi; awusayikungibiza ngokuthi nguBali. Ngoba ngizakhupha amabizo awoBhali emlonyeni wakhe, njalo kabasayikukhunjulwa ngamabizo. Ngalolo suku ngiyobenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni; ngiyakwaphula umnsalo, nenkemba, nempi emhlabeni, futhi uyobayeka balale belondekile. Futhi ngizokugana ube ngowami kuze kube phakade; yebo, ngiyakugana wena ngokulunga, nangobulungisa, nangobubele, nangomusa. Futhi ngizokuganisa entombini yami, futhi uyomazi uJehova.
Funda Hoseya 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Hoseya 2:14-20
4 Days
God loves you. Whoever you are, wherever you are in your life, God loves you! In this month, when we celebrate love, don't forget that God's love for you is greater than every other love. In this four day series, immerse yourself in God's love.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo