UHoseya 2:14-20
UHoseya 2:14-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngakho-ke bhekani, ngiyakumyenga, ngimholele ehlane, ngikhulume enhliziyweni yakhe. Kulapho-ke ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi i-Akhori sibe ngumnyango wethemba. Uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe, nanjengosuku lokukhuphuka kwakhe eGibhithe. “Kuyakuthi ngalolo lusuku ungibize uthi: ‘Myeni wami,’ ungaphinde ungibize futhi ngokuthi: ‘Bhali wami,’ kusho uSimakade. “Ngiyakususa amagama oBhali emlonyeni wakhe, abasayukukhunjulwa ngamagama abo. Ngalolo lusuku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu, nokuhuquzelayo emhlabathini. Ngiyakunqamula umnsalo, inkemba nempi ezweni, ngibalalise phansi bephephile. Ngiyakuzithathela wena ube ngumkami kwaphakade, ngizithathele wena ngokulunga, ngobulungiswa, ngomusa nangesihawu. Ngiyakuzithathela wena ngokwethembeka, futhi uyakumazi uSimakade.
UHoseya 2:14-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngalokho bhekani, ngiyakumyenga, ngimyise ehlane, ngimqunge isibindi. Lapho ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi sase-Akori* sibe ngumnyango wethemba; uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe nasosukwini lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe. “Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova, “ungibize ngokuthi: ‘YiNdoda yami,’ ungasangibizi ngokuthi: ‘NguBali wami.’ Ngiyakususa amagama awoBali emlonyeni wakhe, bangabe besakhunjulwa ngamagama abo. Ngalolo suku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, ngaphule umnsalo nenkemba nokulwa ukuba kusuke ezweni, ngibalalise belondekile. Ngiyakuzimisela wena ube ngumkami kuze kube phakade, ngizimisele wena ngokulunga, nangokwahlulela, nangomusa, nangobubele. Ngiyakuzimisela wena ngokuthembeka ube ngumkami; uyakumazi uJehova.
UHoseya 2:14-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngakho-ke bheka, ngizomyenga ngimyise ehlane ngikhulume kahle naye. Ngiyakumnika khona izivini zakhe nesigodi sase-Akori njengomnyango wethemba; iyohlabelela lapho njengasezinsukwini zobusha bayo nanjengasosukwini lokukhuphuka kwayo iphuma ezweni laseGibithe. “Ngalolo suku,” usho uJehova, “niyakungibiza ngokuthi, Ishi; awusayikungibiza ngokuthi nguBali. Ngoba ngizakhupha amabizo awoBhali emlonyeni wakhe, njalo kabasayikukhunjulwa ngamabizo. Ngalolo suku ngiyobenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni; ngiyakwaphula umnsalo, nenkemba, nempi emhlabeni, futhi uyobayeka balale belondekile. Futhi ngizokugana ube ngowami kuze kube phakade; yebo, ngiyakugana wena ngokulunga, nangobulungisa, nangobubele, nangomusa. Futhi ngizokuganisa entombini yami, futhi uyomazi uJehova.