1
Mathewu 7:7
Baasraak Zulu New Testament Bible
ZuluNT
Celani, lizaphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa
ஒப்பீடு
Mathewu 7:7 ஆராயுங்கள்
2
Mathewu 7:8
Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyaphiwa; nalowo ofunayo uyathola; lalowo oqoqodayo uzavulelwa.
Mathewu 7:8 ஆராயுங்கள்
3
Mathewu 7:24
Ngakho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala
Mathewu 7:24 ஆராயுங்கள்
4
Mathewu 7:12
Ngakho-ke zonke izinto enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.
Mathewu 7:12 ஆராயுங்கள்
5
Mathewu 7:14
Ngokuba isango lincane, nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni, bambalwa abayitholayo.
Mathewu 7:14 ஆராயுங்கள்
6
Mathewu 7:13
Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, nendlela ibanzi eyisa ekubhujisweni, baningi abangena ngayo
Mathewu 7:13 ஆராயுங்கள்
7
Mathewu 7:11
Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye na?
Mathewu 7:11 ஆராயுங்கள்
8
Mathewu 7:1-2
Ningahluleli, ukuze ningahlulelwa. Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho; nesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
Mathewu 7:1-2 ஆராயுங்கள்
9
Mathewu 7:26
Njalo yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi
Mathewu 7:26 ஆராயுங்கள்
10
Mathewu 7:3-4
Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kanti ugongolo olukwelakho iso awuluboni na? Noma ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Ake ngikhiphe ucezwana esweni lakho; bheka, kukhona ugongolo kwelakho iso na?
Mathewu 7:3-4 ஆராயுங்கள்
11
Mathewu 7:15-16
Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo. Niyakubazi ngezithelo zabo. Abantu bakha izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane emakhakhasini na?
Mathewu 7:15-16 ஆராயுங்கள்
12
Mathewu 7:17
Kanjalo yonke imithi emihle ithela izithelo ezinhle; kodwa isihlahla esibi sithela izithelo ezimbi.
Mathewu 7:17 ஆராயுங்கள்
13
Mathewu 7:18
Umuthi omuhle ungethele izithelo ezimbi, nomuthi omubi ungethele izithelo ezinhle.
Mathewu 7:18 ஆராயுங்கள்
14
Mathewu 7:19
Yilowo nalowomuthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni.
Mathewu 7:19 ஆராயுங்கள்
முகப்பு
வேதாகமம்
வாசிப்புத் திட்டங்கள்
காணொளிகள்