Imininingwane ngohlelo

Indumiso: Isifundo kumaHuboIsampula

Worship: A Study in Psalms

USUKU 7 KWEZINGU- 106

Kuthini na?


Ingoma kaDavide yokujabula yayidumisa uJehova njengoMahluleli olungileyo wababi.


Kusho ukuthini na?


Udavide wakhuluma ngesipiliyoni sakhe ngokwethembeka kweNkosi. Ubukhona bakhe buyindawo yokucasha lapho kufika usizi; ababiza igama lakhe abajabhiswa. Ngalo mbono, uDavide wabhala ngokwesiprofetho ngosuku lapho zonke izitha zika-Israyeli zaziyonqotshwa khona. Unkulunkulu uyothatha isinyathelo sokulunga ngenxa yabantu baKhe njengoba nje ayenzile kuDavide mathupha. Wabe esebuyela ekuphileni kwakhe kwamanje, lapho ayesadinga khona isihe sikaNkulunkulu. Udavide wamdumisa uJehova, wamncenga kanyekanye, wathi: “Nkosi, ungayeki manje!” Isizathu sesicelo sikaDavide sibonisa ukuthi kungani ‘wayengumuntu ongokwenhliziyo kaNkulunkulu’—wayelangazelela ukudumisa uJehova obala eSiyoni.


Ngiphendule kanjani na?


Abanye abantu bayayeka ukuza esontweni ngoba uNkulunkulu akazange awuphendule umkhuleko abawuthandayo, futhi baphetha ngokuthi akafikanga. Ingabe uye wadumala ngendlela uNkulunkulu asingathe ngayo indaba ethile? Angase azame ukukunikeza okuthile okukhulu kakhulu kunokukhululeka ngokushesha - ulwazi ngobukhona bakhe obuseduze. Kuyohlala kunezinhlupheko zohlobo oluthile emhlabeni, kodwa uJehova uyisiphephelo sethu esithembekile. Nokho uphendula ulungile futhi muhle. Tshela othile namuhla lokho uNkulunkulu asekwenzele kona, noma ngabe usathandazela isimo esinzima.


Usuku 6Usuku 8

Mayelana naloluHlelo

Worship: A Study in Psalms

Amahubo ayiqoqo lezinkondlo nezingoma ezabhalwa eminyakeni engu-1,000. Nakuba iHubo liqukethe izindumiso zenjabulo nezililo ezidabukisayo, yonke incwadi ifakazela uthando oluqotho lukaNkulunkulu kubantu baKhe kuzo zonke ...

More

Sithanda ukubonga i-Thomas Road Baptist Church ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.trbc.org

Izinhlelo zohlobo olufanayo

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo