Imininingwane ngohlelo

Indumiso: Isifundo kumaHuboIsampula

Worship: A Study in Psalms

USUKU 9 KWEZINGU- 106

Kuthini na?


UDavide waphephela kuJehova, obusa ngokulunga nangobulungisa esesihlalweni sakhe sobukhosi sasezulwini.


Kusho ukuthini?


Ngesikhathi ekhonza esigodlweni seNkosi uSawule, uDavide wabhala leli Hubo ngemva kokubulala uGoliyati. Eshukunyiswa umona nokusola, uSawule wazama ukubulala uDavide izikhathi eziningi phakathi naleyo minyaka. Wonke umuntu wanikeza uDavide iseluleko esifanayo, “Gijima!” Nakuba isimo sasinzima, uDavide wayelapho kanye uNkulunkulu ayembeke khona. Kwakuyoba ukungalaleli uNkulunkulu ukuba uDavide abaleke. Kunalokho, wabeka ukuphila kwakhe ezandleni zikaNkulunkulu. Wakhetha ukuthembela kuJehova njengoba ayehlale enza. Ngenxa yokuthi uDavide wakhetha ukuphila ngokulunga, uNkulunkulu wakhe olungileyo wayesohlangothini lwakhe.


Ngiphendule kanjani na?


Yini ekwenza ufune ukuyeka? Ingabe izinto seziqalile ukuwohloka emsebenzini wakho noma ebandleni lakho? Ingabe abangani bakho bakweluleke ngokuthi uphume ngaphambi kokuba izinto zibe zimbi ngempela? Kungokwemvelo ukubalekela noma yini ebangela ukungakhululeki noma ukudangala. Nokho, ngezinye izikhathi, uNkulunkulu angase akubize ukuba umelane nezimo ezingaphezu komqondo womuntu. Sinye kuphela isizathu sokuthi umntwana kaNkulunkulu aguqule indlela - ukulalela uNkulunkulu. Ngokufanayo, isizathu esiyinhloko sokuba amaKristu ahlale lapho ekhona ulwazi lokuthi uNkulunkulu uwabeke lapho futhi akakawakhululi ukuba ahambe. Kunoma ikuphi, uzomethemba ngokwanele uNkulunkulu ukuthi abeke isiqondiso sempilo yakho ezandleni Zakhe? Ukuqondisa ukuthi wenzeni namuhla?


Usuku 8Usuku 10

Mayelana naloluHlelo

Worship: A Study in Psalms

Amahubo ayiqoqo lezinkondlo nezingoma ezabhalwa eminyakeni engu-1,000. Nakuba iHubo liqukethe izindumiso zenjabulo nezililo ezidabukisayo, yonke incwadi ifakazela uthando oluqotho lukaNkulunkulu kubantu baKhe kuzo zonke ...

More

Sithanda ukubonga i-Thomas Road Baptist Church ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.trbc.org

Izinhlelo zohlobo olufanayo

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo