Imininingwane ngohlelo

Indumiso: Isifundo kumaHuboIsampula

Worship: A Study in Psalms

USUKU 106 KWEZINGU- 106

Kuthini na?


Umhubi umema yonke into ephefumulayo ukuthi ihlabelele indumiso eNkosini ngendalo Yakhe, ububele Bakhe, izenzo Zakhe zamandla, nobukhulu obuphakeme kakhulu.


Kusho ukuthini na?


Yeka ukuphetha okumangalisayo kwekhonsathi yokudumisa nomthandazo wemiBhalo! Ihubo lokuqala liqala ngesibusiso sikaNkulunkulu kumuntu ozindla ngeZwi laKhe. Ihubo lokugcina liphetha ngomuntu nakho “konke okuphefumulayo,” okudumisa uJehova. Ngezinye izikhathi ukudumisa uNkulunkulu kungaba ukuthula futhi kube umcabango. Nokho, amahubo amathathu okugcina amema yonke indalo ukuba ihlanganyele enkonzweni yokudumisa uMdali wayo. Labo abamaziyo uNkulunkulu banesizathu esikhethekile sokuhlabelela iculo elisha lokudumisa uJehova - iculo lensindiso. Nguye ohlanze izono zabo futhi wajezisa izitha zabo. Kufanelekile ukudumisa uNkulunkulu ezindaweni zonke, kuzo zonke izimo nangawo wonke umoya.


Ngiphendule kanjani na?


Uluqala futhi uluphetha kanjani usuku lwakho? Ingabe uvuka ugcwele ukwesaba lapho ucabanga ngezenzakalo zosuku, noma uyakhumbula, “Lolu kuwusuku uJehova alwenzile—masithokoze sijabule ngalo”? UNkulunkulu uyathanda ukuzwa izindumiso zakho lapho uhlangana nabanye ukuzokhonza, kodwa futhi uthola injabulo enkulu lapho ukudumisa kwakho kuhambisana nokukhetha kwakho kanye nendlela ophila ngayo. Zama ukuvumelanisa usuku lwakho nesakhiwo samaHubo. Qala usuku uzindle ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu emiBhalweni; izenzo zakho usuku lonke mazibe ukubonakaliswa kokuthi umthanda kangakanani, futhi uphethe usuku ubonisa ukwazisa ngokuthi uNkulunkulu ungubani futhi umbonge ngalokho Akwenzile. Ingabe uzohlanganyela nayo yonke indalo ekudumiseni uJehova ngobukhulu Bakhe? Ingabe uzombonga njengamanje ngokunikeza insindiso yakho? Zimisele ukudumisa iNkosi esimweni ngasinye obhekene naso ngawo wonke umoya kuze kube usuku lwakho lokufa. Kuyokunika amandla ngokomzimba, ngokomzwelo, nangokomoya.


Usuku 105

Mayelana naloluHlelo

Worship: A Study in Psalms

Amahubo ayiqoqo lezinkondlo nezingoma ezabhalwa eminyakeni engu-1,000. Nakuba iHubo liqukethe izindumiso zenjabulo nezililo ezidabukisayo, yonke incwadi ifakazela uthando oluqotho lukaNkulunkulu kubantu baKhe kuzo zonke ...

More

Sithanda ukubonga i-Thomas Road Baptist Church ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.trbc.org

Izinhlelo zohlobo olufanayo

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo