Imininingwane ngohlelo

Indumiso: Isifundo kumaHuboIsampula

Worship: A Study in Psalms

USUKU 1 KWEZINGU- 106

Kuthini na?


UNkulunkulu ubusisa futhi uyabaqapha abalungile. INkosi kaJehova Egcotshiwe iyobusa futhi yahlulele umhlaba. Ababusi abahlakaniphileyo bayabusiswa futhi banikezwe isiphephelo njengoba bemkhonza futhi bemdumisa.


Kusho ukuthini na?


IHubo 1 linikeza umehluko omkhulu phakathi kwabalungile nababi. Kokubili kuchazwa yindlela abasebenzisa ngayo isikhathi sabo kanye nomphumela wezinto abaziphishekelayo ekuphileni kwabo. Umuntu owesaba uNkulunkulu uthola injongo yokuphila ngokufunda nangokuzindla ngemiBhalo esikhundleni sokulalela imithombo yeseluleko esingamesabi uNkulunkulu. Nakuba iso eliqaphile leNkosi liqondisa labo abangabakhe, lowo owenqaba iNkosi ukhethe ukuphila ngaphandle kwesivikelo Sakhe. IHubo 2 lembula ulaka lwesikhathi esizayo lweNdodana kaNkulunkulu kubantu abaqhubeka beyilahla. Abahlakaniphileyo bathola isiphephelo eNdodaneni futhi bayikhonze kunokuba bakhe uzungu ngokumelene nayo.


Ngiphendule kanjani na?


Indlela osisebenzisa ngayo isikhathi sakho isho lukhulu ngawe. Ingabe izinto oziphishekelayo manje zingabonakala njengezobuNkulunkulu? Cabanga ngokuthi isithakazelo ngasinye saqala kanjani. Ingabe uye walandela ukuhola kukaMoya oNgcwele ngemva kokuthandaza nokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu? Noma ingabe abantu abenqaba igunya likaNkulunkulu ekuphileni kwabo baye baba nethonya kuwe? Njengomlandeli kaKristu, umbozwe ekulungeni Kwakhe, ekunika impilo nekusasa elehlukile kunalabo abamlahlile. Namuhla, nquma ukuphishekela kuphela lokho okubonisa injongo kaNkulunkulu nesiqondiso sikaMoya oNgcwele.


Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Worship: A Study in Psalms

Amahubo ayiqoqo lezinkondlo nezingoma ezabhalwa eminyakeni engu-1,000. Nakuba iHubo liqukethe izindumiso zenjabulo nezililo ezidabukisayo, yonke incwadi ifakazela uthando oluqotho lukaNkulunkulu kubantu baKhe kuzo zonke ...

More

Sithanda ukubonga i-Thomas Road Baptist Church ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.trbc.org

Izinhlelo zohlobo olufanayo

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo