Umnqobi: Ukuthola Amandla eZikhathini ZobunzimaIsampula

Ukubekezelela Indumalo
Esayibhungu, uDavide wagcotshwa ukuba abe yinkosi elandelayo yakwa-Israyeli. Kepha, ekubeni anyukele ebukhosini ngenkazimulo, waphila iminyaka ebalekela inkosi yakwa-Israyeli eyayihlezi izama ukumbulala.
Ngalesosikhathi, uDavide wayekhala kuNkulunkulu: wayeba nengxoxo yeqiniso ngesimo sakhe, ebe ebambelele ethembeni lokuthi uNkulunkulu angakwazi—futhi uzokwazi—ukumbuyisela.
Ukukhala kukaDavide kwamuvumela ukuba akhiphe bonke ubuhlungu, akhalele ubulungiswa, bese ekhumbula ukwethembeka buka Nkulunkulu. Ukugxila kwizethembiso zika Nkulunkulu kwakhumbuza uDavide ubunjalo buka Nkulunkulu, nokwazi ubunjalo buka Nkulunkulu kwamsiza ukubambelela ethembeni. Yingakho, ngisho ezimweni ezinzima, uDavide ekwazi ukuthi athi, “Wena [Nkulunkulu] uyindawo yami yokuphephela, uyilokho ngempela engikufunayo empilweni.” (amaHubo 142:5)
Lokho uDavide angakwazanga ngesikhathi sakhe seminyaka esekubhaceni wukuthi lezozivivinyo empeleni zazimuqeqeshela ukuba akwazi ukuhola abe yisigagayi esasidingwa ngu-Israyeli. Indumalo ayibekezelela yaqinisa ubunjalo bakhe yamvulela nendlela yekusasa lakhe elinenhloso.
Uma uzithola uzungezwe yizitha, ukukhala kungaba yisipho esingakusiza ukuba uqonde kahle isimo sakho. Kepha ukukhala kwakho akusikho ukuphela kohambo lwakho.
Uma ubeka ithemba lakho kuJesu, awukhaleli ize leze ngoba uNkulunkulu o waye ngu Nkulunkulu o wenzayo. Yingakho, akukhathalekile ukuthi ubhekene nani, ungabambelela kulelithemba: uJesu angayiphendula indumalo neminjunju yakho ibe yinjabulo yakho nenkazimulo Yakhe. Angathatha ubuhlungu bakho abusebenzise kwicebo Lakhe. Angenza indlela kulesosikhathi sakho usogwadule. Kanjengoba uqhubeka nokusondela kuYe, kungenzeka uthole ukuthi lesosimo obhekene naso sikuqeqeshela inhloso yekusasa lakho Analo ngawe nalabo abaseduze kwakho.
Mayelana naloluHlelo

Ukunqoba ezikhathini zobunzima ungakuzwa njengento engeke yenzeka, nxa wedlula kuzona. Kodwa ngokubonga, UNkulunkulu uyakwazi ukwenza okungaphezulu kunalokho esikucelayo nesikucabangayo. Kulesisifundo sezinsuku ezine, thola ukuthi UNkulunkulu angakukhokhela kanjani ubuhlungu nokudumazeka kwakho akunike injongo.
More