Umnqobi: Ukuthola Amandla eZikhathini ZobunzimaIsampula

Ukubekezelela injabhiso
uJosefa, indodana eyayiqavile yesicebi esasiwumnikazi womhlaba, waphila impilo yakhe ngaphambi kokuthi ayiphile—naye wayazi. Waze waphupha ngekusasa lakhe ukuthi lalizoba ngelinjani, suku lunye,abafowabo bamuthengisa kubashushumbisi babantu. Ngokuphazima kweso, uJosefa wephucwa umndeni, ikusasa, isikhundla, nomnotho. Zonke izinhlelo zempilo yakhe zashabalala.
Njengesigqila eseGibhithe, bamenzela phansi futhi wazithola esetilongweni ngenxa yecala ayengalenzanga. Kodwa ngale kokuthi wayedlula esimweni esinjani, akayekanga ukuthemba uNkulunkulu…futhi uNkulunkulu akaphezanga ukubonisa uJosefa umusa nothando.
Emuva kweminyaka emibili esetilongweni, uJosefa wanyuselwa esikhundleni sokuba ngowesibili ekubuseni eGibhithe. Wagcina esetakula izinkulungwane zabantu kwindlala yeminyaka eyisikhombisa—kuhlanganisa nabafowabo.
Zonke izimo zobuhlungu uJosefa adlula kuzona zazimlungiselela ikusasa elinenjongo yokuthinta izingumbane zemiphefumulo.
Mhlasimbe ngandleĺa thize nawe ungazifanisa noJosefa. Mhlawumbe wenzeĺwe phansi ngomunye obumethemba. Noma, mhlawumbe uzithola ubakaza ukuthi yini impilo yakho igcwele indumalo nobunzima. Mhlasimbe impilo yakho ayifani nalena owayiphupha.
Nanoma yini obhekene nayo, uNkulunkulu esimkhonzayo, ngemibhalo simazi eguqula aphumelelise amathemba namaphupho ashabalele ukuze sibe nokujabula sidumise Yena. Akakaze ame ukusebenza empilweni yakho. Akukhathalekile ngisho ubunzima besimo obhekene naso, uNkulunkulu uyohĺezi ekubonisa umusa nothando uma uqhubeka uhamba Naye. Uma uhamba noNkulunkulu, akukho odlula kukhona okuyizeleze.
Mayelana naloluHlelo

Ukunqoba ezikhathini zobunzima ungakuzwa njengento engeke yenzeka, nxa wedlula kuzona. Kodwa ngokubonga, UNkulunkulu uyakwazi ukwenza okungaphezulu kunalokho esikucelayo nesikucabangayo. Kulesisifundo sezinsuku ezine, thola ukuthi UNkulunkulu angakukhokhela kanjani ubuhlungu nokudumazeka kwakho akunike injongo.
More