Umnqobi: Ukuthola Amandla eZikhathini ZobunzimaIsampula

Ukubekezela Ekuzanywanisweni
u-Abrahama wayekujwayele ukulinda. Walinda iminyaka engu-25 ukuba Unkulunkulu amuphe indodana yakhe u-Isaka. Wachitha isikhathi esiningi sempilo yakhe emazweni, wayethembe Unkulunkulu ukuba ambonise ukuthi aqhubekele kuphi. Cabangake ukuthi u-Abrahama wayecabangani uma Unkulunkulu emcela langa linye ukuba abulale indodana ayilinda iminyaka.
Akekho owayengamsola u-Abrahama ukube akavumanga, noma ukube wadinwa, noma wesaba. Kunalokho, wakhetha ukuhlala enenhloso ethembe uNkulunkulu ukuthi uzongenelela, nokumdumisa ngisho engangenelelanga uNkulunkulu. U-Abrahama waze wathi ku-Isaka "uNkulunkulu uzozibonelela ngewundlu lakhe"—lapho wayeqhubeka namalungiselelo okumenza umhlabelo..
Ekugcineni, uNkulunkulu wayisindisa impilo ka Isaka, Wabe eseveza isizathu sesicelo Sakhe esasihlukile: Wayengafuni ukuba u-Isaka, afe—Wayefuna u-Abrahama amulalele ngokuphelele.
Imnikelo inendawo kuNkulunkulu uma iyimiphumelo yokulalela, ngoba ukulalela okuyiqiniso ngukukholwa ngokuphelele kwisenzo somunikelo wothando.
Izivivinyo zihlola ububanzi bokulalela kwethu, ngokuveza isisekelo sokholo lwethu. Uma sithi siyamuthanda uNkulunkulu kodwa sibe sivumela izimo zethu zisilawule ukuthi senze njani ezimweni ezinzima, sisuke siveza ukuthi sikholelwa kakhulu ezimweni zethu kunokukholelwa kuNkulunkulu.
Kepha, uma ukholo lwethu lujulile kuNkulunkulu onegunya kuzo zonke izinto, nathi, kanjengo Abrahama, singahamba lapho singazi khona, semukele simuthembe uNkulunkulu ukuthi angabuyisela zonke izinto—futhi sidumise Yena ngisho angakokwenzi lutho.
Mayelana naloluHlelo

Ukunqoba ezikhathini zobunzima ungakuzwa njengento engeke yenzeka, nxa wedlula kuzona. Kodwa ngokubonga, UNkulunkulu uyakwazi ukwenza okungaphezulu kunalokho esikucelayo nesikucabangayo. Kulesisifundo sezinsuku ezine, thola ukuthi UNkulunkulu angakukhokhela kanjani ubuhlungu nokudumazeka kwakho akunike injongo.
More