Umnqobi: Ukuthola Amandla eZikhathini ZobunzimaIsampula

Amandla Okubekezela
Uke wazithola usesikhathini sobunzima obungapheli? Mhlasimbe uzizwe wephuciwe ubumnandi okhule ukwazi, noma mhlawumbe uke walwisana nemizwa yendumalo nokwehluleka. Nanoma yini oke wabhekana nayo, akusiwena wedwa onalesisimo.
uJobe: walahlekelwa wumcebo wakhe, amagugu, igunya, ngumndeni, impilo, nabangani.
umphorofethi uJeremiya: walibona izwe lakubo lishabalala nabangani bakhe bethunjelwa ekudingisweni.
Umphorofethi u-Isaya: kuthiwa bamuthunga kabili ngenxa yokuphrofetha. Wafa engambonanga uMsindisi ayekade ekhuluma ngaye.
Abapostoli abayishumi nambili: bamelana nemizamo yokubabulala, ukuhlushwa, ukulamba, ukuboshwa, ukugqunywa, izifo, nokufa. Bonke bafa belindele ukubuya kuka Krestu.
Umbhalo wezwi, ugcwele umlando wabantu ababekezela ubuhlungu, ukweswela, ubunzima, nokulahlekelwa. Kepha lababantu babekezela ngoba babazi akukhonto—nakufa—eyayingabasusa kwizethembiso zaphakade zika Nkulunkulu.
Ngenxa yokuthi umhlaba wethu wephukile, izinto ezimbi ziyenzeka. Uma sizithola ezimweni ezingaphezulu kwethu, ukuphoxeka kuyingxenye yemvelo, nokukhala kuyafuneka.
Kodwa ngisho nangezikhathi zokukhala, zobuhlungu, zokuphatheka kabi nokuphoxeka okukhulu, uJesu ongasiguqula lesosimo, ukubonakalisa ubuhle nomusa Wakhe.
Kulezinsuku ezintathu, ake sibuyekeze izimpilo zabaningi abasebhayibhelini, abamelana nezikhathi zobunzima. Ngokuhlanganyela, akesithole ukuthi Unkulunkulu wabusebenzisa ubuhlungu babo kwinjongo ebanzi.
Mayelana naloluHlelo

Ukunqoba ezikhathini zobunzima ungakuzwa njengento engeke yenzeka, nxa wedlula kuzona. Kodwa ngokubonga, UNkulunkulu uyakwazi ukwenza okungaphezulu kunalokho esikucelayo nesikucabangayo. Kulesisifundo sezinsuku ezine, thola ukuthi UNkulunkulu angakukhokhela kanjani ubuhlungu nokudumazeka kwakho akunike injongo.
More