Ukudlula Ezikhathini EzinzimaIsampula

Igumbi Lokulinda
Sonke sesike sabezwa abantu bethi "okwamanje" ngesikhathi besalinde okuthile. Uma sisesegumbini lokulinda, lo "okwamanje" silinde impiliso okanye ummangaliso wethu awuvamile ukuba mnandi, angithi?
Pho, kumele wenzeni okwamanje? Silugcina kanjani ukholo lwethu, sethembe ukuthi uNkulunkulu uyasebenza noma singaboni lutho? Nakhu okumbalwa esingakwenza sisalindile emzabalazweni esibhekene nawo:
Mdumise ukulobobuhlungu
Enye yezinto ezibaluleke kakhulu esingayenza sisesebuhlungwini ukumdumisa uNkulunkulu. Uhlale efanele ukudunyiswa. Uma sicabanga ngakho konke asenzele khona nephakade esizolichitha naye, singemdumise ngani? Naka ugxile kulokhu ayikho -akanamkhawulo, usuka emaphakadeni uya emaphakadeni, akaguquki, unamandla onke, iphelele, unesihe, unomusa futhi usezindaweni zonke ngezikhathi zonke.UNkulunkulu simdumisa simbabaze ngaphambi kokuba siphume ezivivinyweni okanye sithole lesisiphetho ebesisifisa.
Qhubeka Ujima
Usekulobubuhlungu, ungahle ubone ubuthaka kuphela kuwe, ungakuboni ukukhula kwemisipha kamoya okanye ukuthi uyaqina kumoya. Nokho ngesikhathi uphindaphinda ukhuleka, udumisa, ufunda iZwi likaNkulunkulu, ubambelela ezithembisweni zakhe, umoya wakho ulokhu uqina usimama. Kusebuthakathakeni bethu la amandla akhe apheleliswa khona. Abaningi bathi izivivinyoziyasakha noma zisibhidlize. Yiba nethemba ukuthi ezakho ziyakwakha.
Thulula Inhliziyo Yakho
Bonke lobu buhlungu obuthwele abumethusi uNkulunkulu. Akanankinga ukubhekana nemibuzo yakho, ukwesaba kwakho ngisho nentukuthelo yakho. Wena Qhubeka uza kuye. Izivivinyo zingasenza sinamathele kuKristu noma simbalekele. Namathela kuye. Ungeqonde ukuthi kungani lobu bunzima busekhona empilweni yakho. Nokho yilesi sikhathi la osebenzisa khona iqiniso owalifunda izinto zingakabi lukhuni. Impilo yokudela nokwethemba usuku nosuku.
Gcina Iphakade Lisemqondweni
Kufanele sigcine amehlo ethu enake iphakade. Uma sinaka okubonakalayo, sisuke sinaka into yesikhashana ephelayo. Yilokhu okungabonakali, lendlela uNkulunkulu ayiphendlayo emfihlakalweni, okungokwaphakade. Kukhona uNkulunkulu akufezayo kithi, nakufeza ngathi, nakufezela thina, ngisho nakufeza nathi imbala. Ngakho asiqoke ukulinda ngesineke isikhathi Sakhe size sifike.
Usabekezelela lesi sikhathi sakho sokuba segunjini lokulinda, ungesabi ukuthi nhla emuva ubuke umbhudulo osuwubhudulile wanqoba. Kukhona osukunqobile, ikhona inqubekela phambili oyenzayo. Qhubeka-ke uthatha igxathu elilandelayo. Awulwazi usuku oyophaphama ngalo ubone kwelokomoya kusa, eqheluka amafu akhasela phansi. Ngalelilanga othi ngeke usakwazi ukuqhubeka kungaba yilanga osizakala ngalo.
Buyekeza
- Uma kungukuthi usegunjini lokulinda empilweni yakho, mcele uNkulunkulu akukhombise okuthile akwenzayo kuwe nangawe usuku nosuku.
- Kokufundile namuhla eZwini, yisiphi isahlukwana noma indima oyizwe ikhuluma nawe kakhulu? Bhala phansi imicabango ebuyayo.
Mayelana naloluHlelo

Ukubhekana nezimo ezilukhuni ezimpilweni zethu yinto esingasoze sayibalekela. Nokho kuloluHlelo olufushane lwezinsuku ezi-4, sizokhuthazeka ngokwazi ukuthi asisodwa, ukuthi uNkulunkulu unecebo ngobuhlungu esidlula kubo, nokuthi uzobusebenzisela okulicebo lakhe elikhulu.
More