Ukudlula Ezikhathini EzinzimaIsampula

Going Through Hard Times

USUKU 3 KWEZINGU- 4

Indlela UNkulunkulu Asebenzisa Ngayo Izivivinyo

Ngesikhathi sidlula kulezi zikhathi zobunzima ezimpilweni zethu, kuphakathi kokuthi siyakhula ngazo noma asikhuli. Awugxekwa uma uzithola usadinelwe uNkulunkulu ngesikhathi izikhathi zobunzima zikufikela. Sonke sesike sedlula lapho. Nokho uma simfuna Yena, sizomfumana. Enye indlela esibona ngayo ukuthi ukholo lwethu luyakhula ngezivivinyo kungokuba imibuzo yethu ethi "kungani" iphenduka umbuzo othi "kanjani".

Uzokusebenzisa kanjani lokhu empilweni yami?
Uzobathinta kanjani abanye usebenzisa lesi sivivinyo?
Uzokuletha kanjani okuhle ngalencithakalo?

Kukhona okuvame ukushiwo phakathi kwamaKhristu okungukuthi uNkulunkulu akamoshi lutho. Yikho lokhu okuliqiniso lethu elisinika ithemba. Noma nga sifakwe ezimeni ezilukhuni, okanye yizinqumo zethu ezisiholele lapho, uNkulunkulu uzosebenzisa ucezu nocezu lwaleso simo ukuhlenga izimpilo zethu, athinte abanye, abese ethola udumo. Ake sixoxe ngokuthi uNkulunkulu wenzani ngobuhlungu bethu.

Uyasiguqula
Uma empilweni sidlula ezimeni ezisilimaza ekujuleni, iningi lethu lisuke lijahe "ukuphuma kuzo."Nokho ukuze siphume kuzo, kudinga kuqala sedlule kuzo, sibhekane nazo. Kudinga siphikelele sikuzo izinhlungu, sibhekane ngqo ngalokhu okwephula izinhliziyo zethu ukuze sibone impiliso engaphesheya. Ngesikhathi sedlula ezivunguvungwini ezimpilweni zethu, sizoqina ngazo.

Uguqula Abanye
Iningi lethu selike labhekana nezimo empilweni ezisinike izifundo ongezifundiswe eklasini. Yize singebe nazo iziqu zasekolishi, nokho singochwepheshe emkhakheni wobuhlungu bethu esedlule kubo. UNkulunkulu uyakubona lokho abese esenza sibe yizitsha zakhe zokusiza abanye. UPawula kweyesi-2 kwabaseKhorinte 1:3 uthi "uNkulunkulu uyasiduduza ukuze siduduze abanye." Akasivumeli nje ukuba sedlula ebunzimeni obukhulu kakhulu ukuze sizophuma sesiqhosha ukuthi sedlulile, kodwa isifiso sakhe ukuba sithathe induduzo asipha yona siyabele abanye.

KwabaseRoma 8:28 kuthiwa "konke" uNkulunkulu ukwenza kusebenzelane kube ngokuhle. Akusikho kokuthile okanye okumbalwa kodwa ezintweni nasezimeni zonke . UNkulunkulu wathatha into embi kunazo zonke ezingahle zenzeke -ukufa kukaJesu esiphambanweni- wayisebenzisela ubuhle obukhulu -ukusindiswa kwesintu sonke. Uma ubuhlungu bubukhulu, busho ithuba elikhulu lokuba insindiso kaNkulunkulu yembuleke ngendlela emangalisayo. Ngaleso naleso sehlakalo sokuhlengwa, uNkulunkulu wemukela udumo ngokuguqula kwakhe izinhlekelele ezimpilweni zethu zibe ukunqoba.

Osukwini lwethu lokugcina lwaloluHlelo, sizixoxa ngokuthi kungani izikhathi zezingqinamba zihlala izikhathi eside kunalesi esingathanda zisihlale. Kulokho kulinda, sizofunda ukwethemba uNkulunkulu kakhulu sikhule okholweni lwethu.

Buyekeza

  • Yisiphi isivivinyo esilukhuni kunazo zonke oke wedlula kuso? Ungabusebenzisa kanjani ubuhlungu owedlula kubo ukusiza omunye umuntu?

Mayelana naloluHlelo

Going Through Hard Times

Ukubhekana nezimo ezilukhuni ezimpilweni zethu yinto esingasoze sayibalekela. Nokho kuloluHlelo olufushane lwezinsuku ezi-4, sizokhuthazeka ngokwazi ukuthi asisodwa, ukuthi uNkulunkulu unecebo ngobuhlungu esidlula kubo, nokuthi uzobusebenzisela okulicebo lakhe elikhulu.

More

Lolu hlelo lweBhayibheli lokuqala lwakhiwa futhi lwahlinzekwa yi-YouVersion.