Ukudlula Ezikhathini EzinzimaIsampula

Going Through Hard Times

USUKU 1 KWEZINGU- 4

Yima Isibindi

Uma kungukuthi udlula esikhathini sobunzima empilweni yakho njengamanje, awuwedwa. Eqinisweni, wonke umuntu emhlabeni uzobhekana nezingqinamba ezithile noma isikhathi sobunzima empilweni yakhe. Kungenzeka ukuthi ubhekene nazo njengamanje, okanye uphuma kuzo, noma usazobhekana nazo, ziyingxenye yempilo. Akekho umuntu othokozela ukubhekana nezikhathi zobunzima. Nawe ungake ukucabange nje - wake wahlanganani nomuntu othokozela ukubhekana nezingqinamba? Cishe awukaze.

Awukho umuthi esingawuphuza ukuze ugcine izinkinga zikude nathi, nakho konke ukuzigcwalisa ngemicabango emihle nokuzigqugquzela angeke kusophule ekubhekaneni nezikhathi zobunzima. Ngakho yize singezwa ngathi yithi sodwa esidlula kulezo zimo zethu ezilukhuni, iqiniso lithi akuthina sodwa.

Singathola induduzo kulokhu okwafundiswa uJesu. Wasitshela kuJohane 16:33 ukuthi "ezweni niyakuba lusizi." Wayekuqonda esizobhekana nakho -izwe eligcwele ukonakala, isono, inzondo kanye nesitha sokomoya esifuna ukuqeda ngathi. Nokho ngenhlanhla ubuye wathi singakwazi "ukuma Isibindi" ngoba "uselinqobile izwe." Asikho isidingo sokuba siphile sidumele yize sisezweni elidumazayo. Sisengayiphila impilo egcwele nenothile, sazi ukuthi ekugcineni sizonqoba.

UJesu wezela into eyodwa emhlabeni -isintu. Wezela ukuzosisindisa futhi asinike ukuphila okuphakade. Abaningi bafundiswa ukuthi uma sivuma uJesu simamukele abe uMsindisi wethu, angeke sisabhekana nezingqinamba kanye nezikhathi zobunzima. Leyonto ayisilo iqiniso.

Ukufunda loluHlelo angeke kuzisuse izinkinga obhekene nazo, futhi ngeke kuyiqede lenhliziyo ebuhlungu oyizwayo. Esinethemba lokuthi loluHlelo luzokwenza ukukunika amandla nesibindi sokuqhubeka uthathe igxathu elilandelayo. Akudingekile ukuba uthathe izinyathelo ezingama-20 namuhla -wena nje thatha esilandelayo.Bese ngakusasa, uthathe elinye futhi. Sisazokhuluma ngezinye zezizathu zokuthi kungani sedlula ebuhlungwini singacusha kanjani ezindleleni ezesabisayo eziza nabo.

Siyethemba ukuthi njengoba siludingida lolu daba, uzokwembulekelwa yikuthi uNkulunkulu ukuthanda kangakanani, ukuthi uzobusebenzisa kanjani ubuhlungu bakho ebusebenzisela icebo lakhe, nokuthi uzokuguqula kanjani kusuka ngaphakathi kuze kube ngaphandle. Unamacebo amahle ngawe, ngisho kubo nangabo ubuhlungu bakho. Siyakukhuthaza ukuba ubekezele uqhubeke uze ubone ukuthi ayini.

Buyekeza

  • Yini eyenzekayo empilweni yakho ecinanise imicabango yakho? Bhala phansi imiphumela oyifisayo.
Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Going Through Hard Times

Ukubhekana nezimo ezilukhuni ezimpilweni zethu yinto esingasoze sayibalekela. Nokho kuloluHlelo olufushane lwezinsuku ezi-4, sizokhuthazeka ngokwazi ukuthi asisodwa, ukuthi uNkulunkulu unecebo ngobuhlungu esidlula kubo, nokuthi uzobusebenzisela okulicebo lakhe elikhulu.

More

Lolu hlelo lweBhayibheli lokuqala lwakhiwa futhi lwahlinzekwa yi-YouVersion.